isiZulu | Page 9 | Nal'ibali
Home | Languages | isiZulu

isiZulu

Umngcwabo kaNgwenya

...

Izifiso ezintathu

...

Kungani ilulwane lindiza ebusuku

Kwesukasukela, eminyakeni eminingi eyadlula, kwakukhona igundane lehlathi okwakuthiwa uLegotlo. ULegotlo wayengumngani omkhulu kaMamanthwane – ilulwane. Bobabili babehlale bendawonye njalo. Kodwa uMamanthwane wayenomona noLegotlo. ...

  •  Read this story aloud to children who are learning to read 
  • Support beginner readers (7-10 years old) by reading this story with them
  • Children older than 11 years would enjoy reading this story on their own

Isobho lesalukazi

Emandulo kwakukhona isalukazi esasithengisa isobho eliwedlula wonke emakethe yesigodi. Kwakulisobho elimndandi, lenkukhu elishisayo. Akukho muntu kulesi sigodi owayazi igama lalesi salukazi. Akekho owayazi ukuthi sihlalaphi. Futhi akekho owayazi ...

ULolo ulungisa i-inthanethi

ULolo kwakuyintombazanyana ehlakaniphile eyayihlala esigodini sabeTswana. Lesi sigodi esihle sasingefaniswe nasinye emhlabeni. Abantu balapho babehlakaniphe ngempela futhi bephambili ngokwesikhathi ababephila kuso. ULolo yena wayehlakaniphe ...

  •  Read this story aloud to children who are learning to read 
  •  Support beginner readers (7-10 years old) by reading this story with them
  • Children older than 11 years would enjoy reading this story on their own

Kungani izinkawu zihlala ezihlahleni

Posted on April 2nd, 2019
UBhubesi wayeyinkosi yezilwane. Wayeziqhenya ngokubhonga kwakhe, futhi wayeziqhenya ngamazinyo namazipho akhe abukhali, kodwa wayeziqhenya kakhulu ngesikhumba sakhe esisagolide nomhlwenga wakhe. Ngelinye ilanga ephuza exhaphozini, uBhubesi waqaphela ukuthi umhlwenga wakhe wawunamashanda. “Kuyini lokhu?” egwavuma ekhuluma yedwa. Waphenduka wase ebona ukuthi kukhona uboya obusukile emhlane wakhe osagolide. UBhubesi waphatheka kabi kakhulu. Wagijima wayobona uDokotela Fudu ukuze athole ukuthi kungenziwani...

UFudu nezinyoni

Posted on March 25th, 2019
Kudala kakhulu, uma kufa inyoni emhlabeni, umoya wayo wawuphuma emzimbeni bese undiza uye phezulu emafini; wawuphila khona njengomuntu wasemafini, wawubheka futhi unakekela izinyoni nezilwane emhlabeni. Izinyoni nezilwane zazazi ngalaba bantu basemafini. Kwafika isikhathi lapho kwakungenamvula khona unyaka wonke. Utshani basha, iziphethu zoma kwathi izilwane zalamba. Izilwane kanye nezinyoni zahlangana zanquma ukuthi zenzenjani ngesomiso esibi...

Ukhozi nendlulamithi

Posted on March 20th, 2019
Kudala, emandulo, uNdlulamithi wayengumngani omkhulu noKhozi. Ekuseni ngelinye ilanga, lapho abangani laba ababili bengasemthonjeni wamanzi, uKhozi wabuza uNdlulamithi, “Ucabanga ukuthi yini ephansi le kulo mthombo?” UNdlulamithi wacabanga okwesikhashana. “Empeleni, uMvubu uthi kunomoya othile le phansi, kodwa angikaze ngiwubone,” kuphendula yena. “Awugxume phela uyobheka!” kusho uKhozi. Ewu, empeleni uNdlulamithi wayewesaba kakhulu amanzi, kodwa phela wayengafuni umngani...

Kungani inyanga incipha ibuye ikhule

Posted on March 19th, 2019
Emandulo, uMama Nyanga wayekhanyisa isibhakabhaka njalo ebusuku. Wayenengubo eyayithungwe ngendwangu enhle kakhulu esagolide. Ingubo yakhe yayikhanya ithi bha ngendlela yokuthi kwakunokukhanya okwanele ngangokuthi bonke abantu babekwazi ukubona indlela emnyameni. Ngezinye izikhathi uMama Nyanga wayezisonga azithi ngci ngengubo ehlele emhlabeni azowuvakashela. Ngobusuku bumbe, phakathi nobusika, eduze kogu lomfula, wahlangana nesalukazi esasihlala sodwa vo…

Umcebo womhambi

Posted on March 18th, 2019
Kwasukasukela, kwakunendoda eyayiyigovu. Yize noma yayiyisicebi, kodwa yayisafuna enye futhi imali. Ngelinye ilanga kusihlwa, umhambi omdala wafika ekhaya lendoda eyigovu. “Selokhu ngihamba usuku lonke,” kusho umhambi omdala. “Ngicela nje ukuphumula lapha namuhla ebusuku.” “Hmmmm,” kusho indoda eyigovu. “Uzongikhokhelani?” “Anginamali engiyiphethe,” kusho umhambi, “kodwa kusasa ngingakuyisa komunye umcebo wekhethelo bese ngabelana nawe ngawo…