Ukweqa
Posted on March 11th, 2019
Mandulo, izimuzimu elikhohlakele lantshontsha izingane ezimbili lazenza izigqila zalo.
Usuku lonke zazipheka, zicoca indlu ziphinde zihlanze nezingubo zalo ezazinuka.
Izimuzimu lalingakaze liwuhluthulele umnyango, ngoba lalazi ukuthi igwababa lalo elalilifuyile lalingasoze lazidedela izingane zeqe.
Le nyoni yayinamehlo abukhali kakhulu, futhi ayikho into eyayingalixoxeli yona izimuzimu.
Langalimbe ebusuku, ngenkathi izimuzimu lihudula izikhumba kakhulu, izingane zahlala zahlebelana.
“Asisoze...