Umgexo womlingo
Home | Content | Umgexo womlingo

Written stories

Umgexo womlingo

Kwasukasukela, kwakunomlimi ogama lakhe kwakunguVusi, owayenamandla kakhulu.

Akekho owayazi ukuthi uwathathaphi la mandla angaka,

kodwa wayevele afukule izinkomo ezimbili ngesikhathi esisodwa kalula nje.

Ekuseni ngelinye ilanga, lapho uVusi evuka, wagijima wampampa, ephaphazela.

“Umgexo wami! Ubani ontshontshe umgexo wami?” kumemeza yena.

“Ngaphandle kwawo ngizobe ngilahlekelwe yiwo wonke amandla ami, bese ngifana nawo wonke nje umuntu!”

Wagijimela efasiteleni, wakwazi ukubona umfana omncane ebaleka ngesivinini esikhulu…