Indlela yokuba yiqhawe elikhulu
Home | Written stories | Multilingual stories | Indlela yokuba yiqhawe elikhulu

Written stories

Indlela yokuba yiqhawe elikhulu

Author

Bubele Retshe

Illustrator

Jiggs Snaddon-Wood

Translator

Dumisani Sibiya

UTimo wayehlala esigodini esincane esizungezwe yizintaba, amathafa aluhlaza kanye namahlathi amahle, kodwa indawo yakhe ayithandayo kwakuyipaki. Wayethanda lapho ngoba wayezizwa enjengeqhawe elikhulu uma egijima ezungeza, enombela emjikelweni futhi ephinda ezungeza emzungezweni.

Nsuku zonke uma uTimo efika ekhaya ephuma esikoleni, wayephuma ashintshe umfaniswano wakhe bese edla isemitshi elimnandi uninakhulu ayemenzele lona. Emva kwalokho wabe esenza umsebenzi wakhe wesikole owenziwa ekhaya futhi, uma eseqedile, wayephuthuma phandle ememeza, “Gogo, Gogo, sekuyisikhathi sokudlala!”

UGogo uzobe esembiza ethi, “Timo, linda! Awufuni ukuthi ngikufundele indaba?”

“Cha, Gogo, ngidinga ukudlala nokuhlola izinto,” kuphendula uTimo, esevele esesendleleni eyohlangana nabangani bakhe ababemlinde esangweni.

 

 

“Kukhona izindawo eziningi ongakwazi ukuzihamba uzihlole ezincwadini zezindaba, Timo,” kusho uGogo. “Izincwadi zingakufundisa izinto eziningi futhi zikuthathe zikuyise ezindaweni ongakaze uye kuzo.”

UTimo wayevele agigitheke bese ethi, “Gogo, izincwadi azinakungiyisa ndawo. Yizimoto kuphela ezingakwenza lokho!” Emva kwalokho wayegijima ehle ngomgwaqo aye epaki nabangani bakhe.Ngenye intambama, umngani omkhulu kaTimo, uBen, wayemlinde esangweni.

“Hheyi, Timo, ngabe usulungele ukudlala?” kwabuza uBen.“Ngihlale ngilungile njalo nje,” kwasho uTimo egijima ehla ngomgwaqo nomngani wakhe omkhulu. Bobabili babefuna ukufika epaki kuqala.

Ngenkathi befika lapho, abanye abangani bakaTimo babebalindele. UPamela wayehleli emjikelweni ekhala, kanti uNoma noSiya babemile eduze kwakhe. Babebukeka bekhathazekile.UTimo wasondela eduze ukuze athole ukuthi kwabe kwenzakalani. “Kwenzekeni kuPamela?” kubuza yena.

“Ubekade esemjikelweni kanti uSiya uzomdudula mawala engaqondile. UPamela uwile emjikelweni, manje idolo lakhe seliyopha,” kwachaza uNoma.

“Awu bandla! Sizokwenzenjani?” kwabuza uBen.“Kulungile, ngiyakwazi okumele sikwenze,” kwasho uNoma ebamba isikhwama sakhe esitshathwa emhlane ekhipha okuyisikhwanyana.

“Yini lokho?” kwabuza uTimo.

“Ikhithi yosizo lokuqala. Ngizogeza idolo likaPamela bese nginamathisela le plasta ukuze azizwe engcono,” kwasho uNoma.

Abangani bamangala ukuthi uNoma wayazi kahle ukuthi kumele enzeni. Kwathi uma iplasta isinanyathiselwe, uPamela wathi uzizwa esengcono kakhulu esefuna ukudlala futhi. Bonke abangani bazizwa bejabule futhi bekhululekile base bebonga kuNoma.

Bonke abangani bagijima sebeqonde kuginqigonqo – ngaphandle kukaTimo. Wayemangele ukuthi uNoma ukwaze kanjani okufanele akwenze. Wayefuna ukwazi lapho kwakufundwa khona uhlobo lwalezi zinto ngoba amaqhawe amakhulu kwakufanele azi ukuthi abasiza kanjani abantu!

UTimo wahamba waya lapho uNoma ayenombela khona wambuza, “Noma, ukwaze kanjani okufanele ukwenze?”UNoma wamoyizela wayesethi, “Ngakufunda encwadini yezindaba.”“Konke lokhu ukufunde ngokufunda nje incwadi yezindaba?” kwabuza uTimo. Wayengenasiqiniseko sokuthi angakukholwa okwakukade kushiwo nguNoma.

“Yebo, Timo. Ngifuna ukuba ngudokotela uma ngikhula ukuze ngikwazi ukusiza abantu. Ngenkathi ngifunda izincwadi zezindaba, ngifunda ngokuthi odokotela babasiza kanjani abantu,” kwasho uNoma.

UTimo wayemangele! “Ngifuna ukuba yiqhawe elikhulu ngisize abantu nami. Ucabanga ukuthi izincwadi zezindaba zingangisiza ngikwazi ukwenza lokho?” kubuza yena.

“Yebo, noma kanjani!” kwasho uNoma. “Izincwadi zezindaba zingakufundisa izinto eziningi. Vele uzitholele zona emtatsheni wezincwadi uqale ukufunda.”

Ngosuku olulandelayo, lapho efika ekhaya ebuya esikoleni, uTimo wakhumula umfaniswano wakhe wesikole wayesedla isemitshi lakhe elimnandi uninakhulu ayemenzele lona. Emva kwalokho wayesenza umsebenzi wakhe wesikole owenziwa ekhaya.

Wayeqeda nje ngenkathi uGogo embiza. “Timo, abangani bakho sebelapha. Balindele wena ukuze uhambe nabo niye epaki.”“Ngicela ubatshele ukuthi ngizobuye ngibabone ngokuhamba kwesikhathi, Gogo,” kuphendula uTimo.

UGogo wayengazikholwa izindlebe zakhe! UTimo wayehlala ejahele ukuhamba aye epaki. “Kungani ungahambi khona manje?” kwabuza yena.

“Bengingathanda ungifundele indaba ngaphambi kokuthi ngihambe, ngiyacela,” kwasho uTimo.

UGogo wamoyizela ngokujabula. “Kusha lokho! Kungani ufuna ngikufundele indaba namuhla?” kwabuza yena.“Ngoba uNoma uthi izindaba zingangifundisa ukuba yiqhawe elikhulu bese ngisiza abangani bami,” kwasho uTimo ngesikhathi egxumagxuma ngokujabula.

“Nango-ke umfana wami!” kwasho uGogo ngesikhathi ethatha incwadi yezindaba.

Ngakho-ke, uGogo kanye noTimo bahlala ndawonye phansi base befunda incwadi yezindaba – nenye, kanye nenye futhi. Njalo ntambama ngemuva kwalokho, ngaphambi kokuthi uTimo ahambe ayodlala epaki, wayecela uGogo ukuthi amfundele.