isiZulu | Page 19 | Nal'ibali
Home | Languages | isiZulu

isiZulu

Isiwula esinguThukile

Kwasukasukela. Kwakukhona umfana ogama lakhe linguThukile. Wayehlala nomama wakhe endlini encane. Babempofu kakhulu kanti ukuphela kwemali eyayitholwa umama yayivela ekudayiseni amaqanda ayezalelwa isikhukhukazi sakhe.

UThukile wayeyivila ...

* Read this story aloud to children who are learning to read 
* Support beginner readers (7-10 years old) by reading this story with them
* Children older than 11 years would enjoy reading this story on their own

Izwi likaKamuzu

Ngezansi kwamagquma aseMpumalanga ambozwe utshani obuluhlaza kwakukhona ipulazi. Emadlelweni aleli pulazi, ihhashi elinguKamuzu, lalizidlela buthule. Zazingabangani zonke izilwane zasepulazini. Zazixoxelana okuningi, kodwa uKamuzu wayenamahloni. ...

Indaba emangazayo kaZimkhitha owayentanta emoyeni

Kwakukhona intombazane eyayibizwa ngoZimkhitha eyayingazange yayeka ukuhleka. Wayecasula ubaba wakhe. Ngelinye ilanga wayemhambisa ekhaya besuka esikoleni. Ngesikhathi efika ekuqaleni komgwaqo wabo, wayengasakwazi ukumelana nalokhu! Wamisa ...

  •  Read this story aloud to children who are learning to read 
  • Support beginner readers (7-10 years old) by reading this story with them
  • Children older than 11 years would enjoy reading this story on their own

UThembela udlala emoyeni

“Hhayi, Thembela!” kumemeza uMama. “Kunomoya omkhulu, akufanele ukuba ube phandle. Ngena endlini, uzongenwa umkhuhlane.”

Kodwa uThembela akalaleli ngoba kumnandi phandle. Izinwele zakhe ziphakama ziye phezulu, phezulu, phezulu, ...

* Read this story aloud to children who are learning to read 
* Support beginner readers (7-10 years old) by reading this story with them
* Children older than 11 years would enjoy reading this story on their own

Ingadi kaMnumzane Shabalala

UMnumzane Shabalala wayenomhlaba omkhulu. Wayenendlu enhle, isihlahla samahhabhula, izikhukhukazi kanye nesivande semifino.

Isihlahla samahhabhula sasisikhulu kakhulu. Amagatsha aso ayenabe kakhulu engadini yakhe naphezu kodonga aze afika ...

Isitayela esisha somluko kaThandi

Posted on April 12th, 2016
Ngelinye ilanga uThandi waya esikoleni ezizwa enamahlonyana. Udadewabo wayemluke ama-braid. Wayewathanda uThandi kodwa wayekhathazekile ngokuthi ezinye izingane zizomgqolozela ngoba ebukeka ngendlela ehlukile. Kwaqala umfana oweza kuyena wadonsa elinye lama-braid akhe. ‘Yini le?’ wabuza ehleka. UThandi wezwa kuthi akakhale. Ngaleso sikhathi kwagijima uZulfah noDavid beza kuye. UZulfah wathi, ‘Awu, Thandi…’

UKuyini

Lalina, liyidliva ngempela, kanti u-Amina wayesecikekile ngalokhu, futhi enesizungu. Akekho noyedwa kubangani bakhe owayekwazi ukuzodlala kanti wonke umuntu osendlini wayematasatasa. Bonke abantu babehlale bematasatasa! Kwakungemnandi ukuba ...

Kunganjani...?

Posted on April 12th, 2016
Ngobunye ubusuku ngesikhathi ubaba kaDavid efika ekhaya evela emsebenzini, bobabili babezizwa belambile.  Kodwa uDavid wayebukeka engcole kakhulu ngenxa yokudlala ngemuva kokuphuma kwesikole! ‘Isikhathi sokuthi ugeze,’ kusho uBaba. ‘Angifuni ukugeza kulobu busuku, ngiyabonga, Baba,’ kusho uDavid. ‘Hhayi-ke, ngeshwa kumele ugeze!’ kusho uBaba. ‘Angazi… Kunganjani ugeze masinyane ngesikhathi ngipheka isidlo sakusihlwa?’ ‘Kodwa ngifuna ugeze nami,’ kusho...

Impangele eyayizalela amaqanda egolide

Kwesukasukela, kwakukhona indoda eyayimpofu kakhulu eyayibizwa ngoMzi.

“Izingane zilambile, asinayo imali yokuthenga ukudla,” kukhala inkosikazi,

uPhumla. “Sizokwenzenjani?”

“Ngizoyozingela,” kusho uMzi. “Uma ...

Ingozi

Posted on April 12th, 2016
Ngelinye ilanga emini, umndeni kaZulfah wawusekhishini. Wonke umuntu wayenza okuthile. UZulfah wayelekelela ubaba wakhe ukuqoba imifino yesobho. Umama wakhe wayegeza izitsha kusinki. Umfowabo kaZulfah omncane, u-Ashraf wayenxaniwe.  Wayefuna into angayiphuza kodwa akekho umuntu owamuzwa ethi, ‘Ngicela okuphuzwayo!’ ngoba babematasatasa bonke. U-Ashraf wayejwayele ukuba nencence kodwa wayengayiboni ndawo. Ngesikhathi ebheka phezulu etafuleni...