UMolemo nejakhethi yomlingo
Home | Written stories | Multilingual stories | UMolemo nejakhethi yomlingo

Written stories

UMolemo nejakhethi yomlingo

Author

Libhalwe nguSiphiliselwe Makhanya

Illustrator

Imizobo izotywe nguGeoff Walton

Kwakusekuseni kubanda qa. UMolemo wafaka izandla zashona phansi emaphaketheni ebhulukwe lakhe lesikole futhi wanyusa amahlombe njengoba ayelinde ukunqamula umgwaqo emarobhothini. Wayegqoke izikibha ezimbili ngaphansi kwehembe lakhe lesikole elimhlophe, kodwa wayesawezwa amakhaza.

“Brrrrrrr,” kusho uMolemo, egxoba izinyawo lapho esalinde ukuba irobhothi lishintshe. “Ngifisa ngabe uGogo ubenemali eyanele ukuba angithengele ijakhethi.”

Lapho nje kukhanya indoda eluhlaza erobhothini, uMolemo waqala ukunqamula umgwaqo. Yilapho-ke ezwa ukumemeza ngemva kwakhe. Njengoba ephenduka ebheka, wabona indoda ijijisana nogogo futhi izama ukumphuca isikhwama sakhe esincane.

“Sizani! Sizani bo!” kumemeza lo wesimame.

UMolemo akacabanganga kabili – wagijima wayosiza ugogo futhi wayikhahlela kakhulu eqakaleni le ndoda. Yaquma izwa ubuhlungu futhi yasidedela isikhwama sowesimame. Yabe isihamba ixhuga iyoshona le ngokushesha ngangokunokwenzeka.

“Uxolo, Gogo, ukulimazile?” kubuza uMolemo, esiza lo wesimame ukuba asukume. Wayewile lapho umphangi ededela isikhwama sakhe. “Bambelela lapha ehlombe lami,” kusho uMolemo.

Ugogo wayeqhaqhazela futhi ebukeka ngathi ufuna nokukhala. “Ngibonga kakhulu,” esho. “Angazi ukuthi abantu bangenwe yini kulezi nsuku.”

Lapho ugogo esephinde wama, uMolemo wacosha izinto zakhe, wamnika zona. “Okungenani sisenayo intsha enomusa njengawe,” emamatheka.

 

Kamuva ngaleyo ntambama, uMolemo wanqamula umgwaqo kulo lelo robhothi eseqonde ekhaya. Kwammangalisa ukuthi, ugogo wayelapho emlindile. Wamamatheka lapho embona umfana. “Nsizwa! Kunento engikuphathele yona!” esho njengoba enika uMolemo iphakethe elisongwe kahle. “Uyolivula lapho ufika ekhaya.”

UMolemo wazizwa enamahloni. “Akudingeki unginike…,” eqala ukukhuluma.

“Yithathe, yithathe,” kusho owesimame, engenelela ngenkulumo. “Yiyo kanye into oyidingayo. Lapho ngihlangana nawe, ngangazi ukuthi izokufanela kahle.” Wambambatha uMolemo eqolo futhi wambamba ihlombe wamqinisa. “Lapho seyincane kuwe, uyinike enye ingane enomusa njengawe.” Wayesejika futhi wahamba ugogo.

Lapho uMolemo efika ekhaya, wavula iphakethe. Phakathi kwakunejakhethi ephuzi egqamile. Yayinamaphakethe emaceleni kanye nephethini yendwangu enhle, enemigqa ngaphakathi. Yayiyinhle kakhulu. Kodwa njengoba ayeyiphakamisile, wabona ukuthi yayiyincane kakhulu.

UMolemo wadumala. “Ngeke ingilingane!” ecabanga. Kodwa ngenxa yokuthi kwakuyijakhethi enhle, wanquma ukuzama ukuyilinganisa.

Yilapho-ke kwenzeka khona isimanga – ingalo yesokudla yejakhethi kwakubukeka sengathi iba yinde njengoba ayefaka ingalo yakhe kuyo. Yakhula yaba yinde yaze yayilingana khaxa ingalo yakhe. UMolemo akakholwanga yilokho ayekubona. Hhaybo, yenzeka kanjani into enje! UMolemo wanquma ukufaka le enye ingalo yakhe engalweni yesobunxele yejakhethi. Nalapha futhi, kwabukeka ngathi iyakhula yaze yamlingana.

Ijakhethi yamlingana khaxa uMolemo. Waphumela ngaphandle eyozibuka ewindini. Wama wazimisela ebambe izinqulu ngezandla zakhe, futhi wayesezifaka emaphaketheni ejakhethi. Wayemuhle impela!

Ngaso leso sikhathi, udadewabo omdala, uNina, waqhamuka ekhoneni. Wayebukeka ekhathele. UMolemo wamphathisa isikhwama futhi wamlandela bayongena endlini. “Kunjani? Uyafuna ngikwenzele inkomishi yetiye?” kubuza umfana.

UNina wahlala phansi etafuleni ekhishini. “Ngiyaphila, ngimane nje ngikhathele,” esho, ezama ukumamatheka embhekile. “Ukufuna umsebenzi kungumsebenzi onzima. Itiye lona ngiyalicela, ngiyabonga”

Kwakubukeka ngathi uNina wayehlale efuna umsebenzi. Lokhu kwenza uMolemo wadabuka. UNina wayesebenze kanzima ukuqeda isikole, futhi uMolemo wayazi ukuthi kwakumphatha kabi uNina ukuthi wayengasawutholi umsebenzi ngemva kweminyaka emithathu ewufuna.

“Ngiyaqiniseka ukuthi kukhona ozokuthola maduze, Nina. Uyazikhandla futhi ulokhu uqhubeka uzama,” kusho uMolemo.

Waphenduka wakhanyisa isitofu sikaphalafini ukuze abilise amanzi amenzele itiye. “Ngifisa ngathi uNina angathola umsebenzi omuhle,” ecabanga. Wabeka iketela esitofini wayeselungisa inkomishi eyifaka i-teabag.

UMolemo wafaka izandla zakhe emaphaketheni ejakhethi njengoba ayelinde ukuba amanzi abile. Yilapho-ke ezwa khona iphepha elisekhoneni lephakethe langakwesokudla. Wamangala. UMolemo wazibuza ukuthi kazi lalikhona yini lapho kakade ukuthi nje nguye owayenganakanga.

Ngokucophelela, walikhipha iphepha ephaketheni. Kwakuyisikhangiso sephephandaba esasisongwe ngobunono esasithi: SIDINGA ISISEBENZI. Sifuna umuntu onomatikuletsheni!

UMolemo wamamatheka. Kwabukeka ngathi inhlanhla yomndeni wakubo yayisizoshintsha ibe ngcono futhi kwakungenxa yesipho sikagogo.

 

[Get story active!] Yenza indaba ihlabe umxhwele!

Wake walithola ithuba lokusiza umuntu osekhulile? Kwakwenzekeni? Wazizwa kanjani ngemva kwalokho?
Dweba isithombe sakho usiza omunye umuntu. Ezansi komdwebo wakho, bhala umusho ochaza lokho okwenzekayo esithombeni.
Yisiphi isipho esihle kunazo zonke oke wasiphiwa yilungu lomndeni? Kungani usithanda kakhulu kangaka? Dweba isithombe saleso sipho.