USosibhakabhaka | Multilingual stories | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | USosibhakabhaka

Written stories

USosibhakabhaka

Author

Ngu-Ann Walton

Illustrator

Imidwebo nguRico

Translator

Ihunyushwe nguDumisani Sibiya

Lalina ngalelo langa, kanti uJosh wayehlezi etafuleni lasekhishini enza ikhayithi. Wayenokusazinswazi okuthile ayekusebenzisa ukwenza uhlaka lwekhayithi. Wayephinde abe nepheshana elithambile eliluhlaza okwesibhakabhaka, elibomvu neliluhlaza okotshani. Wayemboza lonke ikhayithi ngephepha elithambile eliluhlaza okwesibhakabhaka.

“Leli phepha eliluhlaza okwesibhakabhaka ubuso bekhayithi!” kunquma uJosh. Wasika wayesekhipha iphepha lobuso obubomvu ukuze enze izindebe ezimoyizelayo nezijabulile, ngephepha eliluhlaza okotshani wenza amehlo, kanti eliphinki laba yizihlathi. Emva kwalokho wayesenza umsila omude ngephepha eliluhlaza okwesibhakabhaka, elibomvu, eliluhlaza okotshani kanye neliphinki.

“Umsila wakho ubukeka njengezingubo zidansela umoya ocingweni lukaGogo lokweneka izimpahla,” kusho uJosh eqondise kukhayithi. Emva kwalokho wayesebophela intambo ende kakhulu ekhadibhodini eliyishubhu, kwase kuthi lapho igcina khona intambo wayibophela ohlakeni lwekhayithi, ukuze lingandizi liphunyuke kamuva uma selisemoyeni.

“Igama lakho unguSosibhakabhaka!” kwasho uJosh etshela ikhayithi.

Ekuseni ngakusasa, uJosh wahlala esihlalweni sakhe samasondo ngaphandle komnyango wangaphambili ebeke uSosibhakabhaka ethangeni lakhe. Kwakuwusuku olukulungele ukuthi ungandizisa ikhayithi. Wayelinde uHope. UHope wayezomdudula kuphevumenti ngokushesha okungangamandla akhe, ukuze uSosibhakabhaka akwazi ukuthola umoya andize. Wayekuphi pho?

“Ngilapha nje!” kusho uHope. “Ngiyaxolisa ukuthi sengilibele kancane. Ngabe ikhayithi lakho selikulungele ukundiza?”

“Yebo, sengehluleka nokulindela ukulibona selindiza esibhakabhakeni!” kusho uJosh.

“Hhayi-ke, masihambe!” kusho uHope ebamba izibambo ezingemuva kwesihlalo samasondo eziqinisa. Waqala ukuhamba ngokushesha, emva kwalokho wagijima eqonde phambili kuphevumenti. Amasondo ayelokhu ethi gudlu-gudu, gudlu-gudu, ekhuphula isivinini ngenkathi uHope egijima. UJosh wadedela intambo ukuthi iqaqeke eshubhini lekhadibhodi ayelibambile. Ngokuphazima kweso ikhayithi laphakama! Lindizandize emoyeni ngaphezudlwana nje kwamakhanda abo.

UJosh noHope bagijima bedlula uNeo owayesesivandeni esingaphambili sakubo, edlala noBella. Wayethwele isigqokwana sezigebengu zasolwandle esenziwe ngephephandaba, ephethe inkemba yekhadibhodi. UBella yena wayefake isigqoko somthakathi.

“Awusona isigebengu sasolwandle esihle ngempela wena!” kusho uBella, enyakazisa indukwana yakhe yemilingo.

“Wuwu! Wuwu!” kukhonkotha uNoodle, kodwa uNeo wayengamlalele, ngisho noBella futhi. UNeo wayebuka uJosh noHope beza ngephevumenti ngesivinini esikhulu. UBella wayesekhohlwa nangomdlalo wabo naye wayesebuka uJosh noHope!

“Singahamba nawe?” kubuza uNeo.

“Yebo, woza! Sizondizisa uSosibhakabhaka!” kwasho uJosh ngesikhathi edlula.

“Woza, Bella, masihambe!” kusho uNeo.

“Woza, Noodle,” kusho uBella.

“Wuwu! Wuwu!” kukhonkotha uNoodle.

Ngakho-ke uHope, noNeo, noBella noNoodle bagijima benza umugqa omude ngemuva kukaJosh, bethi gudlu-gudu, baphinde bathi wuwu! wuwu! yonke indlela yephevumenti.

Bathi uma befika okhalweni oluseduze kwemizi ethile, uJosh wadedela kakhudlwana intambo maqede uSosibhakabhaka wandizela phezulu emoyeni. Emva kwalokho ikhayithi laya phezulu futhi. Laphephezela kancane phezu kophahla lwezindlu naphezu kwezihlahla, laze lazungezwa yisibhakabhaka esiluhlaza. UJosh, noHope, noNeo kanye noBella babebuka ikhayithi bafisa sengathi bangandizela phezulu kanye nalo.

“Wuwu! Wuwu!” kukhonkotha uNoodle ngokuzwakala kakhulu. Naye wayebuka ikhayithi le phezulu.

“Neo, uyafuna ukuzama ukundizisa ikhayithi?” kubuza uJosh.

“Yebo, ngiyacela!” kusho uNeo, wabe esethatha kuJosh ishubhu lekhadibhodi elinentambo. Kodwa kwakunomoya, uSosibhakabhaka wadonsa ngamawala, uNeo waphunyula ishubhu lekhadibhodi. Lasuka lazungeza lazungeza phansi njengento ephilayo, lilokhu liqaqa intambo, ngakho ikhayithi landiza laya phezulu, phezulu, phezulu. Ngokushesha lase liyichashazana esibhakabhakeni.

UNoodle wahlasela ishubhu lentambo! Walibamba ngemazinyo nangezidladla zakhe ukuze lingazungezi. Emva kwalokho wagxumela ngezidladla zakhe emadolweni kaJosh wedlulisela ishubhu kuJosh. Ekugcineni, uSosibhakabhaka wayeka ukundiza, wama lapho ayekade ekhona, nomsila wakhe ogqamile ubhakubhakuza esibhakabhakeni ngaphansi kwakhe.

“Noodle, uliphephisile ikhayithi lethu!” kusho uJosh. UNoodle watshikizisa umsila wakhe.

“Noodle, ungumbambi wekhayithi ohamba phambili!” kusho uHope. UNoodle watshikizisa umsila wakhe.

“Noodle, uyinja ehlakaniphile ngempela!” kusho uBella. UNoodle watshikizisa umsila wakhe.

UJosh walidonsa elisondeza ikhayithi lakhe. Wayigoqa intambo ngokuyiqinisa izungeza ishubhu lekhadibhodi uSosibhakabhaka waze walala cu ethangeni lakhe ngemva kohambo lwakhe olukhulu lwasesibhakabhakeni. UHope wajikisa isihlalo samasondo, kwezwakala ubu-gudlu-gudu nobu-wuwu! wuwu! yonke indlela sebebheke ekhaya.

Ngenkathi uJosh eselele ngalobo busuku, wayecabanga ngobumnandi ayebe nabo nekhayithi lakhe nokuthi licishe lamlahlekela kanjani. “Ngenhlanhla nginabangani abahle kakhulu emhlabeni!” waphefumulela phezulu ngenkathi evala amehlo akhe.

Veza ubuciko bakho!

* Izingane zakho mazizenzele awazo amakhayithi. Zibuze imibuzo ukuzisiza ukuthi ziqale – ukwenza, isibonelo: Ngabe ikhayithi lakho uzolenza libe yisimo esinjani? Uzosebenzisa izinto ezinjani ukulakha? Ungalihlobisa kanjani?
* Jabula nezingane zakho ngokufutha amabhaluni bese niwadedela ahambe. (Ungabophi ifindo ekugcineni kwebhaluni elifuthiwe.) Bhekani ukuthi andiza kanjani eya le nale ngenkathi kuphuma umoya obufuthiwe!
* Endabeni, uNeo uthwala isigqoko esenziwe ngephephandaba. Nikeza izingane zakho iphephandaba, ithephu yokunamathisela, izikelo kanye nentambo bese uziphonsela inselelo yokuthi zenze okuthile zisebenzisa lezi zinto.