Unyathi Omncane wavuka kabi esiqeshini sotshani ekuseni ngalelo langa. Wayengalalanga kahle ngayizolo ebusuku. Ubusuku bonke, wayezwe imisindo eyesabeka kakhulu ehlanzeni. Ekuqaleni, le misindo yayizwakala kude, kodwa yabe isilokhu isondela kancane kancane. Yayizwakala njengokuduma kwesisu sikaMkhulu uNdlovu lapho elambile! Namuhla ekuseni kwakubukeka sengathi akekho konyathi oyizwile. Nakuba uNyathi Omncane wayemncane kunabo bonke emhlanjini wonyathi, wayengeke alokothe abuze abanye onyathi abancane ngalo msindo! Kuthiwani uma becabanga ukuthi uyigwala bese bemgcona? Ngaso sonke isikhathi sasekuseni, uNyathi Omncane wayezibuza ukuthi kwakungumsindo wani lo wokuduma.
UMkhulu uNdlovu wayezihlafunela ngokuthula amaqabunga esihlahla samacimbi lapho uNyathi Omncane edlula ngakuye eya emthonjeni. “Mkhulu Ndlovu, bekuyisisu sakho yini lesi ebesiduma kakhulu izolo ebusuku ngaze ngasizwa ngikude ehlanzeni?” kubuza uNyathi Omncane. “Cha, Nyathi Omncane. Bekungesona esami. Isisu sami siqale ukuduma kuphela ngemva kokuphuma kwelanga namuhla ekuseni,” kuphendula uMkhulu uNdlovu. Wabe esephenduka futhi ehamba eya ngasezihlahleni ezinde. Emthonjeni, uNyathi Omncane uthola u-Anti Mvubu ezeneke elangeni. “Anti Mvubu, kungenzeka yini ukuthi ukuzwile ukuduma izolo ebusuku?” kubuza uNyathi Omncane. “Cha, Nyathi Omncane. Izindlebe zami bezingaphansi kwamanzi.
Angizwanga lutho,” kuphendula u-Anti Mvubu. Wabe esezamula ngomzamulokazi omkhulu wezimvubu futhi wavala amehlo akhe ethi ukuthatha isihlathi santambama. Ngayo yonke leyo ntambama uNyathi Omncane wayezibuza ukuthi lo msindo wokuduma wawuvelaphi. Wabuza wonke umuntu ayehlangana naye ukuthi wayewuzwile yini lowo msindo, kodwa akekho omunye okwabonakala ngathi uwuzwile. “Mhlawumbe ubuphupha, Nyathi Omncane,” kuphendula uMama Nyathi lapho embuza. Futhi ngokuqinisekile uMama wayezokwazi ngoba uNyathi Omncane wayelele eceleni kwakhe. Lapho imisebe yelanga yokugcina isinyamalele, kwakuyisikhathi sokuba uNyathi Omncane kanye nabo bonke abanye onyathi bazinze otshanini obuthambile ebusuku. UNyathi Omncane wayesanda kuzumeka lapho nje evuka egxuma. Ngokuqinisekile, wayephinde wakuzwa ukuduma!
Ekuqaleni, ukuduma kwazwakala kukude, kodwa kwabe sekusondela kancane kancane. Futhi kwaya kuzwakala kakhulu nakakhulu! Inhliziyo kaNyathi Omncane yashaya njengesigubhu. Waqalaza ukuze abone ukuthi nabanye onyathi bawuzwile yini lo msindo, kodwa bonke babelele ngathi bafile. Ngisho noMama Nyathi wayengabhekile. UNyathi Omncane wethuka. Laduma, laduma, laduma yonke indawo ngakuye. Kwabe sekuthi, … THACA! Okuthile okumanzi kwahlala ekhaleni likaNyathi Omncane! Thaca, thaca, thaca! Kwavela amathonsi amanzi engeziwe.
UNyathi Omncane wabheka phezulu. Kwabe sekuwa amathonsi amanzi amakhulu ngokulakanyana esibhakabhakeni. UNyathi Omncane wazihleka kakhulu ... yebo ... le yimvula. Yimvula yokuqala ngqa ayibonayo! Futhi ukuduma ayekuzwile kwakumane nje kuwukuduma kwezulu! Ayikho into okwakumele ayesabe. Ngenhliziyo enokuthula, uNyathi Omncane wazisonga wasondela emzimbeni ofudumele kaMama Nyathi. Walalela umsindo wemvula iwela emaqabungeni nasotshanini isikhathi esijana, wabe esezumeka elala zwi engagqize qakala.
Yenza indaba ihlabe umxhwele!
- Uyasikhumbula yini isikhathi lapho wawuzwe khona umsindo owethusayo? Yini owayenza? Wawuvelaphi lowo msindo?
- Dweba isithombe sikaNyathi Omncane kanye no-Anti Mvubu. Dweba isiyingi senkulumo esivela kuNyathi Omncane kanye nesinye esivela ku-Anti Mvubu. Kopisha amazwi asendabeni ashiwo ngumlingiswa ngamunye uwafake eziyingini zabo zenkulumo.
- Cabanga ngemvula. Bhala inkondlo echaza indlela umsindo wemvula ozwakala ngayo endlebeni, onuka ngayo futhi ozwakala ngayo esikhunjeni sakho.