Ukati nophela

Written stories

Try our growing collection of stories to print out or read aloud at home with the whole family.

Ukati nophela

Author

nguYolanda Banze

Illustrator

Imifanekiso nguChantelle noBurgen Thorne

Uphela omncane oyisiwula onsundu wake wahlala endlini nomndeni onokati. Uphela omncane oyisiwula onsundu, njengawo wonke umndeni wakubo, wayekuthanda ukudla. Amaphela akudingeki adle nsuku zonke, kodwa kule ndlu izingcezu ezimnandi kakhulu zazishiyelwa ukati – izingcezu uphela omncane oyisiwula onsundu ayehluleka ukuzigwema! Izimpondo zakhe ezinde zazihlale ziyaluza njengoba zicosha amaphunga amnandi kakhulu ayegcwala ekhishini lapho nokati ayedlela khona. “Ungayi ekhishini njalo ebusuku. Bazokubona futhi bakubulale!” kuxwayisa umndeni kaphela omncane oyisiwula onsundu. Kodwa lona wayeziphilela ukuphila kwakhe okujabulisayo futhi akazilalelanga izixwayiso zabo. Wayekujabulela ukuziminca ngokudla okuconsisa amathe okusesitsheni sikakati.

Ukati wayethanda ukuzishiyela i-snack saphakathi kwamabili njalo ebusuku, kodwa ngokumangalisayo, lapho efika endishini yakhe, kwakungekho lutho. “Kuyamangaza-ke lokhu,” kucabanga ukati. “Nakanjani ngugundane odla i-snack sami saphakathi kwamabili ubusuku ngabunye.” Ngakho wacinga ugundane indlu yonke.

                                                                                                                                                                                         

 

                                                                                                                           

Njengoba ukati ayecinga ugundane owebayo ubusuku ngabunye, uphela omncane oyisiwula onsundu wafa yinsini. “Ukati ucabanga ukuthi uhlakaniphe kakhulu,” kugigitheka uphela omncane oyisiwula onsundu njengoba elinde ukuba ukati aphonse ithawula ayeke ukucinga. Ngobunye ubusuku, uphela omncane oyisiwula onsundu waqaphela ukuthi ukati wayephinde wazishiyela ukudla nobisi azokudla kamuva, futhi isisu sakhe saqala ukuguruza. Izimpondo zakhe zayaluza ziya ngapha nangapha, kuyilapho esalinde ukuba ukati ayolala. Wabukela njengoba inyanga ihamba kancane idlula ewindini. “Shesha bo, hamba uyolala! Ngafa yindlala,” kukhononda uphela omncane oyisiwula onsundu kwaze kwaba yilapho ukati ezumeka ekugcineni. Phakathi naleso sikhathi, ukati wayedumele kakhulu ngoba wayengamtholi ugundane owebayo. Empeleni, wayengalizwa ngisho nephunga likagundane. “Kuthiwani uma umndeni ungase uthole ngendaba kagundane? Bazocabanga ukuthi sengiguge kakhulu ukuxosha noma ngisho nokuzwa igundane! Bangase baqale ukucabanga ukuthola ukati omusha nosemncane,” ecabanga ngendumalo. Ngobunye ubusuku, uphela omncane oyisiwula onsundu wachwechwa wayosho ekhishini futhi. “Okati abeve beyizilima,” ecabanga njengoba edla izinsalela ezithile zokudla okusesitsheni sikakati. Kodwa ngokungazelele kwakhanya isibani sasekhishini, kulandela ukumemeza okukhulu, okuhlabayo, okuthusayo!

Ukumemeza kwakukukhulu futhi kuhlaba kwaze kwenza uphela omncane oyisiwula onsundu wadideka kangangoba akazanga ukuthi abaleke ashonephi. Kwakumemeza owesifazane ohlala kule ndlu. Waqhubeka ememeza futhi wayegijima lonke ikhishi, egxumagxuma, futhi eqa, isikhathi ngasinye, egeja uphela omncane oyisiwula onsundu owayephunyuka ngesivinini. Wonke lo msindo owesabisayo wenza ukati waqhamuka egijima ekhoneni ezojoyina kulo mgijimiswano. Lokho kwanika owesifazane ithuba lokuthatha ikani lesifutho esikhulu esibomvu. Uphela omncane oyisiwula onsundu wabaleka kukati, ejabuliswa ukuthi owesifazane ubonakala esephonse ithawula, kanti akayibonanga ingozi ayesekuyo. Owesifazane wakala kahle futhi washo ngesifutho, ukati wathimula, futhi uphela omncane oyisiwula onsundu waqala ukuzizwa ediyazela futhi enenzululwane.

                           

                                                                                                                                                                                                                                  

 

“Maybabo, lo msindo uzongiqhumisa ikhanda,” kucabanga uphela omncane oyisiwula onsundu, “futhi angisaboni nakahle njengoba ikhanda lami lizungeza kangaka. Kungani, kodwa kungani, ngebe ukudla kukakati? Kungani, kungani, ngingalalelanga umndeni wami?” wahhomuzela ngaphambi kokuba aquleke. Owesifazane wathatha umshanelo futhi wamshanela uphela omncane oyisiwula njengoba ukati ebukele. “Phela omncane oyisiwula onsundu, ungalokothi ubuye lapha! Ngizobe ngikulindile, ngikuqaphile,” kusho ukati njengoba owesifazane ephonsa uphela omncane oyisiwula onsundu phandle ngomnyango wangemuva ebusuku. Yingakho, kuze kube namuhla, uphela omncane oyisiwula onsundu ehlala ngaphandle, kude nokati namakani ezifutho nabesifazane abamemeza ngokuhlabayo. Kodwa ngezinye izikhathi amaphunga amnandi aba namandla kakhulu, bese uphela omncane oyisiwula onsundu aphuthume angene endlini azimince kancane ngokudla ebumnyameni, phakathi nobusuku.

Yenza indaba ihlabe umxhwele!

  •  Ungazizwa kanjani uma ubungabona iphela endlini kini? Dweba umfanekiso wakho lapho ubona iphela.
  •  Cabanga ngophela efuna ukuxolisa kukati ngokweba ukudla kwakhe. Bhala incwadi uphela ayithumelela ukati.
  • Yenza sengathi uyile ntokazi yalapha kule ndlu. Bonisa indlela eyagxuma ngayo futhi yeqa izinto lapho ibona uphela.
  •  Sebenzisa ubumba oluthile noma inhlama yokudlala ukwenza imifanekiso kakati nophela