Okuyikhethekile | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | Okuyikhethekile

Written stories

Okuyikhethekile

Author

Ibhalwe nguJacqui Lange

Illustrator

Imifanekiso nguJulie Smith-Belton

“Ku-ku-ku-ku, ngenani ngaphakathi bobahle bami!”

Njalo kusihlwa, uGogo kaJasmien wayebizela izinkukhu zakhe ehhokweni, bese ezivalela ngaphakathi ukuze ziphephe ezilwaneni ezilambile.

Futhi njalo ekuseni, uJasmien wayekhipha izinkukhu bese eqongelela amaqanda ezaziwazalele.

Kwakuyisikhathi sosuku asithanda kakhulu leso.

Izinkukhu zikaGogo zaziyimimo kanye nobukhulu obehlukene, kodwa uJasmien wayethanda eyodwa ukudlula zonke. ULady wayeyisikhukhukazi esiyimpangele. Wayenesicholo esisongene kanye nesisila esivulekile. Lapho uJasmien enikeza izinkukhu izimvuthu, wayehlala eqinisekisa ukuthi uLady uphiwa kuqala.

UJasmien wabheka yonke indawo, kodwa uLady wayengekho ndawo.

“Mhlawumbe uheshane umdlile,” kusho uEddie. “Noma ngabe udliwe uchakide yini bakithi?”

UJasmien wayengafuni nokucabanga ngalokho.

Lady, uyintandokazi yami wena,” kusholo phansi uJasmien. “Akumele ube nezintandokazi,” kuthetha uGogo.

 

“Inkukhu ngayinye ingeyekhethelo ngendlela yayo.”

Kodwa uJasmien wayengakwazi ukuzibamba.

Wayethanda uLady ukudlula zonke ezinye. Ngelinye ilanga, wanyamalala uLady.

Kwedlula amaviki amade amathathu engatholakali uLady.

 

Kwaze kwaba yingelinye ilanga ekuseni lapho uJasmien eyokhipha izinkukhu.

Wezwa umsindo owenziwa amachwane.

KwakuwuLady, elandelwa amachwane ayisithupha amfamumfamu!

“Ku-ku-ku,” kusho uGogo. “Uhlakaniphile wena Lady, uvele wacasha ukuze uchamusele amaqanda akho!”

Manje-ke uJasmien wayenokukhethekile okwengeziwe. 

Imibono okungaxoxwa ngayo

U-Lady wayekhethekile ku-Jasmien. Ubani noma yini ekhethekile kuwe? Wena ukhetheke kanjani? Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa ukhethekile futhi kwezinye uzizwa ungakhethekile? Kungani?

Ezibonakalayo

Bhekisisa isithombe emakhasini amabili okuqala endaba. Kungaki kulokhu ongakuthola:

  •  izinkukhu
  • amaqanda
  • obhasikidi
  •  amafasitela
  • izicabha
  • ushimula

Ukubhala

Dweba isithombe sika-Lady namachwane akhe ayisithupha. Yetha ichwane ngalinye igama. Bhala igama ngalinye phansi kwesithombe sechwane noma ucele othile akubhalele.

Umsebenzi wezandla

Dweba isimo seqanda ekhathonini elimhlophe noma ephepheni, bese uyasisika. (Cela umuntu omdala ukuba akusize uma kudingeka.) Hlobisa iqanda lakho ngokudweba amaphethini ahlukile kulo noma uliphende.

Ukusebenza

Ungayisho ngaziphi izindlela eziningi imisindo esendabeni ethi, Ku-ku-ku nethi amfamumfamu? Ungakwazi yini ukuwasho njengenkukhu esikhulile nanjengechwane? Funda indaba ngokuzwakalayo usho le misindo ngendlela ehambisana nezinto ezenzeka endabeni. Noma, cela othile ukuba akufundele indaba, bese uyabajoyina lapho sebesho leyo misindo