Umiyane nophela
Home | Written stories | Multilingual stories | Umiyane nophela

Written stories

Try our growing collection of stories to print out or read aloud at home with the whole family.

Umiyane nophela

Author

NguMadikapi Pulane Mahlasela

Illustrator

Imifanekiso nguMagriet Brink noLeo Daly

Ngobunye ubusuku obushisayo basehlobo, uphela wayezihambela kancane enqamula etafuleni lasekhishini. Wayedla izimvuthuluka zesinkwa ezazisakazwe ngumndeni etafuleni, manje owawusuzumekile wubuthongo emibhedeni yawo. Wabe esezwa umsindo. Bzzzz, bzzzz! “Yini leyo?” kubuza uphela. Wabhekabheka ngapha nangapha kodwa akabonanga lutho. Wabe esephinda ewuzwa futhi. Bzzzz, bzzzz! “Ubani owenza lowo msindo ocasulayo?” kuhleba uphela. “Yimina umiyane,” kuphendula izwi. “Wena ungubani? Futhi kungani ukhulumela phansi kangaka?” Uphela wabhekabheka ngapha nangapha. “Ukuphi?” ebuza. “Kumele ukuthi umncane kakhulu ngoba angikuboni.

Ngithemba ukuthi uyazi ukuthi yimi ophethe lapha.” Umiyane wahlala etafuleni eduze nophela. “Nguwe ophethe?” kusho umiyane ngephimbo elibhuqayo. Uphela akakuthandanga nhlobo lokhu. “Yimi umphathi lapha. Uma abantu bengithola ngidla ukudla kwabo, ababe besakudla. Kuba okwami, okubonisa ukuthi bayangihlonipha futhi bayangesaba,” kuqhosha uphela. Wabe esefulathela umiyane futhi waya kusinki lapho kwakukhona izitsha ezingcolile futhi waqala ukudla izinsalela ezisemapuletini.

Sonke lesi sikhathi, umiyane ubheke uphela ngokucophelela. Wabe esendiza eza eduze nekhanda likaphela, elokhu ebhuza ngaso sonke isikhathi. “Uma ungumphathi, kungani udla izinsalela zokudla kwabo?” kubuza umiyane. Uphela washwiba umlenze wakhe wangaphambili ezama ukuxosha umiyane, kodwa umiyane wawulokhu ubhuza ngasekhanda likaphela.

                                                                                                                                                                                             

Ekugcineni, uphela wathi, “Ake uyeke ukwenza lowo msindo odinayo! Uma abantu besithola lapha, bazosifohloza sobabili.” “Angibesabi abantu!” kuphendula umiyane. “Ngiyabaluma futhi ngiphuze igazi labo. Uma bezama ukungifohloza, ngiyadakha futhi ngijike ngokushesha bese ngiyanyamalala. Lapho nje becabanga ukuthi sengihambile, ngiyabuya! Umsindo engiwenzayo uyabahlanyisa. Bayazimboza ngezingubo ngisho noma kushisa. Futhi lapho ngibaluma, kuba neqhubu elishoshozelayo.” Umiyane wahleka isiqhazolo. Kungazelelwe othile wakhanyisa isibani ekhishini. Indoda yaya kusinki ekhishini yafike yagcwalisa ingilazi ngamanzi empompini.

Uphela wathi pheshe ngejubane wayocasha emfantwini ngemva komnyango. Umiyane awubukekanga neze ukhathazekile. Wawulokhu wenza umsindo wawo ubhuza, undiza uya ngapha nangapha ngisho naseduze nale ndoda njengoba iphuza amanzi. Ekuqaleni, yazama ukuwuphebeza umiyane ngesandla sayo. Kodwa umiyane, waqhubeka ubhuza ngasekhanda layo. Le ndoda yacikeka nakakhulu yaze yashwiba uphaqa wayo ngokucasuka. Kodwa umiyane wamane wajikajika ngasekhanda layo ngokuzola, ulokhu ubhuza ngendlela yawo ecasulayo. Ekugcineni, le ndoda yaphonsa ithawula, yacisha isibani futhi yabuyela embhedeni.                       

                                                                                                                                                                                               

“Ngicabanga ukuthi ngizoke ngithi ukuhlala kulo mfantu engicashe kuwo isikhashana,” kucabanga uphela. “Angazi ukuthi umiyane ushonephi futhi angiqiniseki ukuthi kuphephile ukuphuma.” Futhi wayeqinisile ngokuthi aqhubeke ecashile ngoba umiyane wawundize waya ekameleni lezingane futhi wawubhuza ngasemakhanda azo. “Baba!” kumemeza enye yezingane. “Kunomiyane ekameleni lethu.

Sicela uze uzosisiza.” Lokhu kwavusa wonke umndeni, futhi ngokushesha wonke umuntu wayesecinga ekameleni ngalinye ephethe imiqamelo nophaqa, elungele ukushaya umiyane. Kodwa njalo lapho bewubona umiyane, wawuvele udakhe futhi ujike bese uyanyamalala. Lokhu kwaqhubeka isikhathi esithile, kodwa ekugcineni, abantu baphonsa ithawula. Babuyela emibhedeni futhi badonsa izingubo zabo bagubuzela emakhanda, nakuba kwakushisa bhe ukuba bazimboze. Lapho umiyane undiza ubuyela ekhishini, uphela waphuma emfantwini akade ecashe kuwo. “Habe, Ungihlabe umxhwele,” esho kumiyane. “Usanganise bonke labo bantu bagcwala yonke indawo bezama ukukubamba, kodwa bahluleka bancama.”

“Ngikutshelile ukuthi angisabi muntu mina. Yisho-ke manje, ubani ocabanga ukuthi ungumphathi wangempela?” kubuza umiyane. “Nakanjani nguwe!” kuphendula uphela. “Ungase ube mncane, kodwa ubahlulile abantu.” “Ngiyajabula ukuthi siyavumelana kulokho,” kusho umiyane ngeqholo. “Kusukela manje kuqhubeke, ungangibiza uma abantu bekuhlupha.”

“Ngizokubiza, ngiyabonga kakhulu,” kuphendula uphela njengoba ehamba eyofuna izinsalela zokudla ezengeziwe.Kusukela ngalolo suku, uphela nomiyane baba ngabangane abakhulu futhi basebenzisana ndawonye ukucasula abantu kangangokusemandleni!

Yenza indaba ihlabe umxhwele!

  •  Cabanga ngazo zonke izinambuzane ezicasula abantu: omiyane, izimpukane, amaphela kanye nanoma yiziphi ezinye ozaziyo. Yisiphi esicasula ukuzedlula zonke? Kungani ucabanga kanjalo?
  •  Bhala inkondlo ngesinambuzane esisodwa noma ezengeziwe kwezingenhla. Cabanga ngendlela ezibukeka ngayo, indlela ezihamba ngayo, imisindo eziyenzayo kanye nezinto ezizenzayo ezithukuthelisa noma ezesabisa abantu.
  •  Zenzele esakho isinambuzane! Dweba isinambuzane sakho. Bhala phansi ukuthi sikhulu kangakanani, yini esiyidlayo futhi senza imisindo enjani.