Kungani izimbila zingenayo imisila
Home | Written stories | Multilingual stories | Kungani izimbila zingenayo imisila

Written stories

Kungani izimbila zingenayo imisila

Author

nguThemba Mabaso

Illustrator

nguVian Oelofson

Listen to the story here

Emandulo, izilwane zazingenayo imisila. Zazingathokozile nhlobo ngalokhu, ngakho zabizela umhlangano emthonjeni.

Imbila yayibukela ngesikhathi izilwane zedlula zibheke emhlanganweni.

“Sheshani! Sifuna ukufika emhlanganweni,” kuthetha uNogwaja

egxuma edlula.

“Ungakhathazeki, ngizokulandela!” kuphendula uMbila emva kwalokho ephenduka efulathela imisebe yelanga elifudumele.

“Ingabe wena awuzukuhlanganyela nathi?” kubuza uNkawu

ngenkathi edlula.

“Ungakhathazeki, ngizongena indlela masinyane nje,” kuphendula uMbila elala ngomhlane ukuze afudumeze isisu sakhe.

Isilwane sokugcina esedlula kwabe kuwumngani omkhulu kaMbila, uFudu. “Awuyi yini emhlanganweni?” kubuza yena.

“Umngani wami phela angangibeletha,” kuphendula uMbila.

“Kodwa igobolondo lami livele liyangisinda,” kusho uFudu.

“Hhayi-ke, mina angisindi. Angeke uzwe mehluko ngisho ngingaphezu kwakho,” kusho uMbila emoyizela kakhulu.

“Kodwa igobolondo lami liqinile futhi alizukukuphatha kahle uma uhleli kulo,” kuchaza uFudu.

“Ngiyimbila mina! Ngikujwayele ukuhlala emadwaleni aqinileyo!” kuphendula uMbila, egxumela phezu komhlane kaFudu. UMbila wayesinda, kodwa uFudu wayezokwenzani? UMbila wayewumngani wakhe omkhulu.

Emhlanganweni, izilwane zazikhuluma ngemisila.

“Ngibukeka ngimubi kodwa ngingenawo umsila,” kukhononda uMpisi.

“Uma ngizama ukujika lapho ngigijima, ngiwa phansi ngoba anginawo umsila,” kusho uNgulule.

“Ngidinga isitho esengeziwe ukuze ngikhulule izandla zami ngesikhathi ngishwibeka ezihlahleni lapho ngikha izithelo,”kusho uNkawu.

 

 

“Masicele kuMdali ukuthi asinikeze imisila,” kuphakamisa uBhubesi.

Ngakho, izilwane zabhekisa ubuso bazo phezulu esibhakabhakeni. “Hawu, Mdali, sicela usiphe imisila!” kucela izilwane.

Izwi elikhulu labhodla livela esibhakabhakeni. “Kusasa ekuseni, yehlelani emfuleni lapho nizothola khona imisila esihlahleni esikhulu.”

Izilwane zabuyela ekhaya zizizwa zinethemba futhi zijabule.

“Sengilangazelela kakhulu ukuthola umsila. Kusasa, masihambisane siyolanda imisila yethu,” kusho uMbila ngesikhathi uFudu emshiya edwaleni uMbila ayelibiza ngokuthi ‘yikhaya’.

Njengoba uFudu wayekwazi ukuthi yena uhamba kancane, wavuka ekuseni kakhulu ngakusasa ekuseni. Kwakusemnyama ngesikhathi esuka ekhaya ezinye izilwane zisalele.

Ngesikhathi uFudu edlula emzini kaMbila, wamemeza, “Woza abo! Masihambe siyolanda imisila yethu!”

“Hhayi namuhla. Ngizizwa ngivilapha nje. Ngizovele ngihlale kuleli dwala ngethamele ilanga. Ngicela ungilandele umsila bese udlula ungishiyela wona endleleni yakho ebheke ekhaya,” kusho uMbila emamatheka kakhulu. “Ngingawuthokozela omude, omfukumfuku.”

UFudu kwammangaza nje ukuthi uMbila akasahambisani naye. “Ngizokwenza njalo,” esho njalo ngokujabula, esebona ukuthi akunani ngoba angeke esabeletha uMbila emhlane wakhe.

Kusempondo zankomo, ezinye izilwane zaphikelela emfuleni ziwumhlambi omkhulu. Zazishesha kakhulu kunoFudu, ngakho zamedlula endleleni. Kodwa uFudu wayezimisele ngokufika esihlahleni ukuze azitholele umsila bese ephathela nomngani wakhe, ngakho waqhubeka nokushoshela.

Lapho izilwane sezisondela emfuleni, zabona isihlahla sigcwele imisila. Kwakukhona imisila emifushane, imisila emide, imisila emfukumfuku nemisila ezacile. Kwakukhona imisila emihle nemisila emibi.

Izilwane zaqala ukusondela esihlahleni. Kwakucaca ukuthi noma ngubani ozofika kuso kuqala uzozikhethela umsila omuhle kunayo yonke. UNkawu wayegxuma esuka kulesi sihlahla ehlala kwesinye. UBhubesi, uNgulule noDube bagijima kakhulu. UNdlovu kanye noBhejane bagijima ngokugxadazela nje. UMpungushe wagijima ngokushesha njengoNgulube, kodwa uNgulube wayede ema ukuze adle ukudla nezimpande ezinambithekayo. UFudu wayelandela ngemuva.

UNkawu waba ngowokuqala ukufika esihlahleni. Wafika wabamba umsila omude kunayo yonke. UNgulule waba ngowesibili wathatha omunye umsila omude. Ezinye izilwane zakhetha imisila kuleyo eyayisele ilenga esihlahleni.

Ngesikhathi uNgulube kanye noFudu befika ekugcineni, kwase kusele imisila emibili kuphela. Owodwa kwakuwumsila omfushane, oyisigqunswana kanye nomunye ozacile, ogoqene. UNgulube wakhetha ogoqene, ngakho uFudu wathola oyisigqunswana.

Kwakungasasele lutho esihlahleni, futhi asikho isilwane esasikhumbulile ukuthi uMbila naye wayewufuna umsila.

 

 

Esedwaleni lakhe, uMbila wayekwazi ukubona izilwane ziza ekhaya. Zazihamba ngokuzidla zitshikizisa imisila iya le nale. “Sengilangazelela kakhulu nami ukuthola umsila wami omusha!” kucabanga uMbila.

UMbila wabona uFudu noNgulube behamba endleleni. “Ningiphathelile umsila wami, Fudu?” kubuza uMbila ngesikhathi besondela.

“Cha, ngiyaxolisa mngani wami, ibisiphelile! Mina noNgulube sithole imisila emibili yokugcina. Bheka umsila wami nje,” kuchaza uFudu, ekhomba umsila wakhe omfushanyana. “Yikho lokhu engikwazile ukukuthola.”

“Bekufanele ngizihambele ngokwami!” kusho uMbila ngokuzisola. “Ngishesha ukunedlula nobabili. Bengizozitholela umsila omuhle ngempela ukuba angizange ngivilaphe ngale ndlela.” UFudu noNgulube bahamba baqhela bethule.

Yingakho-ke izimbila zingenayo nje imisila – kodwa zisahlala emadwaleni ukuze zithokozele ukufudumala kwelanga!

 

 

Yenza indaba ihlabe umxhwele!

  • Ake ucabange nje ukuthi izilwane zazikhethe imisila eyahlukene esihlahleni. Dweba isithombe sanoma yisiphi isilwane esinohlobo olwehlukile lomsila, njengofudu selunomsila webhubesi noma idube selinomsila wengulube.
  • Yiba ngumseshi wamagama! Bhekisisa indaba. Ungakwazi ukuthola: amagama ezilwane ezine - amagama amabili ezinombolo - amagama amahlanu achaza imisila?
  • Yenza sengathi unguMbila. Bhala incwadi eya kuMdali ucele elinye ithuba lokuthola umsila.