Inunukazi yasenyangeni esasiliva
Home | Written stories | Multilingual stories | Inunukazi yasenyangeni esasiliva

Written stories

Inunukazi yasenyangeni esasiliva

Author

Ibhalwe nguJenny Robson

Illustrator

Imidwebo yenziwe nguSamantha van Riet

Listen to the story here

UFlossie, igundane lasendle, wayegijima otshanini ngokuphuthuma okukhulu ngangamandla ezinyawana zakhe ezazingambeletha ngawo. “Eyi! Eyi!” edonsa umoya, “Angeke ngifike ekhaya ngesikhathi!”

 

Ilanga lase livele lizilahla kunina. Amathunzi amnyama ayesemsithile ngapha nangapha. “Eyi! Kungekudala kuzobe sekuhlwile. Emva kwalokho inunukazi yasenyangeni esasiliva izoza izongicinga!”

 

UFlossie wayeyesaba inunukazi yasenyangeni. Wayevamise ukuphupha amaphupho amabi ngayo. Kodwa manje wayengasakwazi ukubaleka kakhulu kunalokho. Imilenze yakhe yayibuhlungu, isifuba sakhe sasibuhlungu. Wayesekhathele kakhulu. Wayesema eduze kwesihlahla esidala esecusha phakathi kwezimpande zaso. Ingabe uzophepha lapha?

 

“Sawubona!” kwasho izwi elindondayo ndawana thize ngaphezu kwakhe.

 

UFlossie wabheka phezulu wayesenswininiza ngokwethuka. Amehlo amabili ayizindilinga ayegqolozele kuye phansi. Amehlo amabili amakhulu akhanyayo! Inhliziyo kaFlossie yayishaya ngamandla nangokushesha esifubeni sakhe. Isilwane esinamehlo amakhulu ngale ndlela kumele sibe sikhulu kakhulu ngempela!

 

“Ungubani wena?” kwabuza uFlossie ngezwi eliqhaqhazelayo. “Ngabe uyinunukazi yasenyangeni?”

 

Izwi elindondayo lahleka ngokuvevezela. “Cha, angiyona inunukazi. Ngiyinundu nje mina. Ungangibiza ngoMaxwell.”

 

Inundu? UFlossie akazange akukholwe lokho! Hlobo luni lwenundu lolu olunamehlo amakhulu kangaka? “Ngabe uyinundu enkulu?” kubuza yena.

 

UMaxwell waphinda wahleka uhlelo lwakhe oluvevezelayo. “Hawu! Lawo akuwona amehlo ami,” kusho yona. “Lezo zindilinga ezikhanyayo ngamaphethini nje asezimpikweni zami. Bheka lapha!” UMaxwell wayesebhakuzisa izimpiko zakhe ukuze uFlossie ezobona ukuthi amaphethini akhanyayo ayindilinga ayenyakaza kanjani: phezulu naphansi, phezulu naphansi.

 

UMaxwell wayesehla ngokushesha ohlangothini lwesiqu sesihlahla, esondela eduze kwegundane lasendle. Kwakumnandi ukuba nomuntu ayezoxoxa naye. Zazingeziningi izilwanyana ezaziphumile zihambahamba ebusuku.

 

“Awungitshele,” kwasho yena. “Kungani ubujahe kangaka? Ngikubonile ugijima phakathi kotshani ngokushesha okusemandleni akho onke ngemilenzana yakho.”

 

“Bengizama ukufika ekhaya ngaphambi kokuthi kuhlwe,” kwasho uFlossie. “Kodwa-ke akusasizi ngalutho manje. Ubusuku sebuvele bulapha, kanti ikhaya lami lisekude.” Waqala ukukhala izinyembezana zegundane lasendle.

 

UMaxwell akazange akuqondisise lokhu. “Kodwa-ke kungani ufuna ukuba sekhaya?” kubuza yena. “Kungani ufuna ukuba sendlini manje? Hawu! Ubusuku yisona isikhathi esimnandi ukwedlula zonke. Ungakwazi ukubona inyanga ikhuphuka phezu kwamagquma. Ungakwazi ukubona utshani buphenduka buba sasiliva. Ungakwazi ukuzwa umoya uhlebeza phakathi kwamaqabunga.”

 

UFlossie wanikina ikhanda. “Cha, cha! Ubusuku yisikhathi esibi. Ubusuku yisikhathi lapho inunukazi yasenyangeni esasiliva ephuma khona ihamba iyozingela.”

 

 

“Inunukazi yasenyangeni esasiliva? Angibonaze ngezwa ngayo!” kwasho uMaxwell.

 

Ngakho-ke uFlossie wayesechaza: inunukazi yasenyangeni esasiliva yayindiza ngezimpiko ezisasiliva ezazinwebeka zibe nobubanzi obedlula isihlahla. Yayindiza isuka ekukhanyeni kwenyanga, isithunzi sayo esimnyama sedlule emhlabathini. Yayindiza ngokuthula okwesabekayo; ide icinga, icinga amagundane amancane. Emva kwalokho iwabambe ngqi ngamazipho ayo acijile iwathwale iye ebumnyameni – ingunaphakade!

 

UMaxwell wanikina ikhanda emva kwalokho wayesekhipha olunye uhleko olujulile, oluvevezelayo. “Hawu! Akuyona inunukazi! Yisikhova nje. Asinawo nhlobo umbala osasiliva; sinombala onsundu ngokuphuphile nje. Ngubani owesaba isikhova esidala esinsundu esidinayo?”

 

“Hhayi bo! Ungakusho lokho!” kunswininiza uFlossie ngokwethuka. “Mhlawumbe inunukazi yasenyangeni esasiliva izingela nezinundu njalo!”

 

“Ha!” kwasho uMaxwell ngokuzethemba. “Ngifisa ukusibona sikuzama lokho!”

 

Khona manjalo, kwaba khona okunyakaza emoyeni ngaphezu kwabo. UFlossie wabuka phezulu wabona isimo esikhulu esisasiliva sindiza sisuka phezulu ekukhanyeni kwenyanga. Izimpiko ezinkulu ezisasiliva zabe sezivuleka, zenza isithunzi esimnyama ezimpandeni zezihlahla zonkana.

 

UFlossie wayethuke kakhulu ukuthi anganyakaza. Wawavala ngci amehlo ache amancane ngesikhathi umsindo wobuwishiwishi usondela … usondela. Wayesazi ukuthi yini elandelayo ezokwenzeka. Wonke amaphupho akhe amabi kakhulu ayesezophenduka iqiniso.

 

Ngokushesha kwezwakala ukuklwebha okukhulu, nokubi, emva kwalokho kwaba ukubhakuza kwezimpiko ezinkulu. Ngemuva kwalokho kwathuleka du.

 

“Usungawavula amehlo akho manje,” kwasho uMaxwell.

 

UFlossie wavula amehlo akhe wabona isikhova sinyamalala phezu kweziqongo zezihlahla.

 

 

“Kwenzakaleni?” kubuza yena ngokumangala. “Kungani inunukazi yasenyangeni indize yabaleka?”

 

UMaxwell wayezijabulele kakhulu. “Ngamaphethini asezimpikweni zami. Isikhova besicabanga ukuthi ngamehlo – njengoba nawe ubucabanga. Futhi njengawe, besicabanga ukuthi noma ngubani onamehlo amakhulu kangako kumele abe yisilwane esikhulu ngempela. Sivele sesaba naso, ngikutshele mina! Usizwile ukuthi siklewule kanjani?”

 

“Kwaze kwawukuhlakanipha lokho!” kwasho uFlossie.

 

“Yebo, ngihlakaniphile, akunjalo?” kwavuma uMaxwell. “Manje mane ulale lapha eduze kwami. Uzophepha kuze kuphume ilanga.”

 

Ngakho uFlossie wazishutheka phakathi kwezimpande zesihlahla. Ngokushesha wayesezumekile wubuthongo. Futhi akabange esaphupha nhlobo ngenunukazi yasenyangeni esasiliva. Ngisho nakanye.

 

 

* Sebenzisa imibhobho yamaphepha asendlini encane, iphepha, iglu, izinti zokuvungula kanye nopende noma amakhrayoni ukwenza inundu, uvemvane lwasebusuku phela. Sika ukhiphe isimo samaphiko ovemvane, uwafake umbala, bese kuthi uma sewomile, uwanamathisele embhojeni wephepha lasendlini encane. Faka umbala omnyama ezintini zokuvungula bese uzinamathisela ovemvaneni ukuze wenze izimponjwana zalo