Ibukeka kanjani ingelosi?
Home | Written stories | Multilingual stories | Ibukeka kanjani ingelosi?

Written stories

Ibukeka kanjani ingelosi?

Author

Njabulo Mokoena

Illustrator

nguChantelle noBurgen Thorne

Ngolunye usuku esikoleni, uThisha uJane wabatshela ngezingelosi. USharon wajabula kakhulu ngalokho ayekufundile kangangokuba watshela unina ngazo zonke izinto ezinhle ezenziwa yizingelosi, lapho nje efika ekhaya ngalolo suku.

 

 

“Mama, ibukeka kanjani ingelosi?” embuza njengoba edla i-snack sakhe sangemva kwesikole.

“Angazi, sthandwa sami. UThisha uJane uthe ibukeka kanjani ingelosi?” kubuza uMama.

“Uthe sizoyazi ingelosi lapho siyibona,” kusho uSharon, ekhokha umoya. Wafisa ngathi ngabe uThisha uJane wayebatshele ngokuqondile ukuthi ibukeka kanjani ingelosi. Okungenani uSharon wayezokwazi ukuthi yini okumele ayibheke!

“Awumkholwa uThisha uJane?” kubuza uMama.

“Angazi. Ngiyazibuza nje ukuthi ngizoyibona ngani ingelosi uma ngingazi nokuthi yini okumele ngiyibheke,” kusho uSharon. Wayeseqeda i-snack sakhe futhi wabeka ipuleti lakhe nenkomishi kusinki ekhishini.

“Ngicela uze uzongisiza sihlanze itafula,” kusho uMama. “Faka amakhasi emifino emgqonyeni womquba futhi ngicela ususe isinkwa.”

“Kulungile, Mama,” kusho uSharon futhi ngokushesha wenza lokho unina ayemcele ukuba akwenze.

Lapho uyise ebuya ekhaya evela emsebenzini ngalobo busuku, uSharon wagijima wayombingelela emnyango. Wathatha isikhwama sakhe somsebenzi wamphathela sona. Uyise wamanga futhi wamamatheka embuka.

“Baba, nginombuzo,” kusho uSharon engamniki nethuba lokuhlala phansi.

“Yebo, sthandwa sami, uthini umbuzo wakho?” kubuza uyise emamatheka kakhulu.

“Baba, ibukeka kanjani ingelosi?”

“Phela, izingelosi zilungile, zinomusa futhi zinhle,” kusho uyise.

“Ngiyazi. UThisha uJane usho kanjalo naye. Kodwa engifuna ukukwazi ukuthi zibukeka kanjani ngempela,” kusho uSharon.

Uyise wambuka wayesecabanga isikhashana. Khona-ke wathi, “Ngizophuma nawe ngempelasonto ukuze sihambe siyoyibona.”

USharon wajabula kakhulu. “Uyazi ukuthi sizobheka kuphi?” ebuza ngokumangala. “Mama!” ememeza. “UBaba uyazi ukuthi singazitholaphi izingelosi!”

“Kwakuhle lokho, Sharon. Ngiyajabula ukuthi ekugcineni uzothola impendulo yombuzo wakho,” kusho uMama. Wabuka ubaba kaSharon ubuso bakhe bugcwele insini.

Ekuseni ngakusasa etekisini yesikole uSharon watshela bonke abangane bakhe ukuthi wayezobona ingelosi ngempelasonto. Abangane bakhe bamamatheka ngesizotha ngoba babemthanda uSharon, kodwa babengakukholwa lokho ayekusho.

Wabe esetshela uthisha wakhe ngezinhlelo zakhe zempelasonto. UThisa uJane wamcela ukuba eze azoxoxela ikilasi ngalo lonke uhambo lwakhe ngoMsombuluko.

NgoMgqibelo ekuseni, uSharon wavuka ekuseni kakhulu wenza imisebenzi yakhe yasendlini. Wayesegeza, wagqoka kahle futhi wadla ukudla kwasekuseni. Manje, kwase kusele nje ukuba alinde uyise aqede. Ngokushesha, uSharon wayesehleli esihlalweni esingasemuva emotweni ezifase ngebhande futhi babe sebesendleleni.

“Baba, kukude?” ebuza ngokujabula.

“Sizofika ngokushesha,” kusho uyise emamatheka. Bahamba isikhashana ngemoto ngaphambi kokuba bame ekhaya labathathe umhlalaphansi.

“Safika,” Ubaba esho ekhumula ibhande lakhe lesihlalo.

“Ikhaya labathathe umhlalaphansi?” uSharona wadideka. Yini izingelosi ezaziyenza ekhaya labathathe umhlalaphansi?

“Aah, sanibona,” kusho insizwa iza ngakubo. “Kumelwe ukuthi unguSharon. Ngibhale uhlu lwezinto ongazenza ukusiza lapha ekhaya namuhla.” Yamamatheka ibheke uSharon futhi yanika uyise iphepha.

Ubaba wafunda lolu hlu. Okokuqala, uSharon wasiza uyise washanela igceke. Base becoca izihlalo ezisetshenziswa abantu abakhulile lapho behlala elangeni. USharon wenza umsebenzi wakhe ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze uyise amthathe ayobona ingelosi.

“Okulandelayo, sizococa ihholo lokudlela,” kusho uBaba. Bashanela futhi badasida futhi bapholisha kwaze kwaba yilapho yonke into icocekile icwebezela.

Ekugcineni, kwase kuyisikhathi selantshi. USharon noyise bageza izandla nobuso futhi baya ehholo lokudlela. Belapho uSharon wasiza ngokuphaka ukudla futhi wajabulela ukuhlala nawo wonke umuntu njengoba babemxoxela izindaba zakudala. Babuye badlala nemidlalo edlalwa ebhodini. Khona-ke omunye ugogo wathi kuSharon, “Uyingelosi enhle yazi,” futhi wamanga ngemfudumalo.

“Ungubani igama lakho, ngelosi yami?” kubuza omunye ugogo.

“NginguSharon,” waphendula emamatheka wayesegijima eya kuyise.

“Ogogo bangibize ngokuthi ngiyingelosi. Ngase ngikhumbula ukuthi bekumele ungibonise yona namuhla, Baba,” esho.

Uyise wamamatheka futhi wakhomba izithunzi zabo esibukweni esasiseduze nabo. “Sharona, ibukeka kanje ingelosi.”

 

 

USharon wazibuka okwesikhathi esithile futhi wamamatheka. Wayengeve ejahile ukuya esikoleni ngoMsombuluko ukuze ayochazela abangane bakhe nothisha wakhe indlela ayekujabulele ngayo ukwenza umsebenzi omuhle wokuba yingelosi.

 

[Get story active!] Yenza indaba ibe mnandi!

  • Bhala inkondlo esitshela ngalokho okucabangayo ngezingelosi.