Waze wasiza Goggles
Home | Written stories | Multilingual stories | Waze wasiza Goggles

Written stories

Waze wasiza Goggles

Author

Ibhalwe nguLiz Sparg

Illustrator

Imifanekiso nguMegan Vermaak

Ngobunye ubusuku, uJay wavuka wase ebona ukukhanya okugqamile okukhulu esibhakabhakeni. Kwakukhona into eyayindiza ngokushesha okukhulu iza efasiteleni. Kusenjalo, yama. Kwavuleka umnyango, kwase kuphuma isidalwa esibukeka sixakile nje. “Grrr! Sawubona, igama lami nginguGoggles. Grrr,” kusho isidalwa. UJay wavele wandwaza nje. “Grrr! Ngabe uyangizwa? Ngabe uyakwazi ukukhuluma? Grrr!” kubuza uGoggles. UJay wazama ukukhuluma kodwa akakwazanga kuphimisa lutho.

“Grrr! Ngabe ungakwazi ukungitshela – Grrr! – ukuthi yini lokhu?” UGoggles wayephakamise isikhwama seplastiki, ibhodlela leplastiki nethini elingenalutho. “Lezi zinto zikhula yonke indawo eMhlabeni. Lezi zinto zisendaweni eyomile kanye nasemifuleni futhi zintanta nasolwandle. Ngabe zifanele ukudliwa?” Isidalwa sazama ukuluma ibhodlela. “Cha, ungakudli lokho! Iplastiki!” Izwi likaJay laphinde lezwakala kakhulu kahle futhi.

“Abantu balahla udoti emgwaqweni, bese uphephukela emifuleni, untante wehlele olwandle. Ngesinye isikhathi izinhlanzi kanye nezimfudu ezilambile zicabanga ukuthi ukudla, zikudla bese ziyafa. Iplastiki, izingilazi namathini kuhlala isikhathi eside kakhulu, ngakho-ke indawo eyomile nemifula nolwandle kanye namabhishi kugcwele udoti.” UGoggles wabukeka edangele. “Kungenzekani uma … grrr! … e ngingamunca ngamaza yonke imfucuza iye emkhathini?

Ngingazenzela iplanethi entsha engingahlala kuyo, kanti uMhlaba wona ungahlanzeka, nezinhlanzi angeke zisadla iplastiki. Grrr! “Impela,” kusho uJay.  UGoggles wagxuma wabuyela kumkhumbimkhathi. “Grrr! Uma ungidinga, umemeze igama lami kathathu,” kumemeza uGoggles ngesikhathi umkhumbimkhathi usuka uhamba. UJay wabukela ngesikhathi umkhumbimkhathi uphakama ukhuphukela le phezulu. Wawumunca udoti uwususa emigwaqweni, emifuleni, emabhishi kanye nasolwandle. Ngosuku olulandelayo, wonke umuntu wavukela eMhlabeni ogqamile, okhazimulayo omusha.

Kwakungekho mfucuza ndawo. Amanzi ayehlanzekile, imigwaqo ihlanzekile, kuhlanzeke yonke into. Wonke umuntu wayethanda uMhlaba Ohlanzekile. ube muhle. Bazozizwa bethokozile emaphusheni abo kangangokuthi bazofuna ukuqhubeka nokwenza lezo zinto uma bevuka. Grrr.” Nangempela yilokho okwenzeka. UGoggles waletha uthuli lwamaphupho olusagolide olwaluntanta lundiza yonke indawo emhlabeni wonke. Ngalobo busuku, izigidi ngezigidi zabantu zaphupha zenza okuthile kokunakekela amahlathi kanye namasimu kanye nezintaba kanye nemifula kanye namabhishi kanye nezilwandle.

Bazizwa bejabulile futhi benokuthula emaphusheni abo. Kanti kwathi uma sebevukile, bahamba bayokwenza lokho ababephupha ngakho. Benza uMhlaba waba muhle futhi. Kodwa akukho muntu owashintsha indlela aphila ngayo. Babesalahla udoti emgwaqweni. Esikhathini esifushane nje, imigwaqo nemifula namabhishi kwaphinde kwabukeka kabi njengakuqala. UJay wanquma ukuthi kwase kuyisikhathi sokucela usizo kuGoggles. “Goggles, Goggles, Goggles!

UMhlaba usenkingeni futhi!” QHAMU! Kwavele kwaqhamuka umkhumbimkhathi. “Grrr! Kuleli hlandla ngizozama uthuli lwami lwamaphupho,” kusho uGoggles kuJay. “Wonke umuntu eMhlabeni uzophupha ecosha udoti, grrr! etshala nezihlahla, grrr! futhi esebenzisa kabusha imfucuza, grrr! bese enza konke okwenza uMhlaba 

 

Okokuzithokozisa kwakwaNal’ibali

Imibono okungaxoxwa ngayo

Ukulahla udoti kuwenzani umhlaba wethu? Yini ongayenza ukuze unakekele umhlaba?

Ezibonakalayo

Dweba isithombe ukuze ubonise indlela ocabanga ukuthi i-golden dream dust yayibukeka ngayo lapho indiza emhlabeni wonke.

Ukufunda

Phinde ufunde isigaba lapho uJay echaza indlela udoti ofika ngayo emifuleni nasezilwandle. Dweba ukuze ubonise ukuthi lokhu kwenzeka kanjani. Dweba izithombe ezincane, ezibhalwe amagama nezinemicibisholo phakathi kwezithombe.

Ukubhala

Bhala isihloko sephephandaba mayelana nezindlela ezihlukile ama-Goggle asize ngayo uMhlaba waphinde waba muhle. Ungakhohlwa ukubhala isihloko esidonsa amehlo! Dweba nesithombe esihambisana naso.

Umsebenzi wezandla

Phinde usebenzise izinto ezinjengamathini, ojeke bepulastiki kanye namabhokisi amakhathoni avame ukulahlwa. Wahlobise usebenzisa amaphepha, i-glitter, upende kanye/noma amakrayoni futhi ukwenze kube yinto wena namanye amalungu omndeni eningakusebenzisa, njengezinkomishi zokufaka amapensela, amavasi nezitsha zokugcina izinto. Yenza izingqwembe ezibonisa indlela eyodwa noma ezimbili ezisebenzayo zokuthi singawunakekela kanjani umhlaba.