UPhama nohlamvu lombila | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | UPhama nohlamvu lombila

Written stories

UPhama nohlamvu lombila

Author

Ibhalwe nguMargot Bertelsmann

Illustrator

Imifanekiso kaChantelle noBurgen Thorne

Listen to the story here

UPhama wayenohlamvu lommbila. UMama wayengazi ukuthi kwakuwuhlamvu olunomlingo.

“Ngelinye ilanga, lolu hlamvu luzokondla isizwe,” kusho uPhama. UMama wahleka nje.

UPhama watshala uhlamvu lwakhe, isithombo sase silokhu sikhula, sikhula.

Sakhula saya phezulu kakhulu, saze sayosithela emafini. “Ngizogibela ngize ngiyofika esicongweni,” kusho uPhama.

UBaba wanyipha. 4 5 Kwahlokoma izwi elikhulu. “Ngcingci, nanso inyamazane izithela kimi phela!

Nginukelwa yigazi lomfanyana!” Kwakuyisiqhwaga esinenhliziyo embi. “Ngibambe phela uma ungase ukwazi,” kugcona

uPhama. UPhama wabona isikhwama somlingo. Ngaphakathi kwaso kwakunegolide lonke elake lembiwa yisizwe salapho.

UPhama wabona umculi onomlingo. Wayazi wonke amaculo ake aculwa yisizwe.

UPhama wabona ihansi elinomlingo. Lalizalele iqanda legolide elalingatholwa yiwo wonke umuntu.

“Ngizokubuyela nomcebo Gogo,” kumemeza uPhama eqondise kuGogo wakhe owayemi phansi.

UGogo wavele waphefumulela phezulu. UPhama wakha isikhwebu esesilungile ohlangeni lommbila.

Wasosa emlilweni. Wancibilikisela ibhotela ezinhlamvini zegolide zommbila kanti-ke lelo phunga lase likhuphukela emakhaleni

esiqhwaga. “Ngilethele uthi lwami lokuvungula olukhulu kakhulu,” kumemeza isiqhwaga.

UPhama wayengasekho lapho. 6 Sasingasekho nesikhwama. Kanye nomculi. Kanye nehansi. Kwakungasekho luhlanga

lommbila futhi. Angithi phela lwase lugencwe lwawiswa phansi uPhama.

 

Okokuzithokozisa kwakwaNal’ibali

Imibono okungaxoxwa ngayo

Ingabe kulungile ngoPhama ukuba athathe amagugu omdondoshiya engawacelanga? Kungani besilungile/besingalungile? Ucabanga ukuthi uPhama uzokwenzani ngesikhwama samagugu omdondoshiya nangomculi? Yini obungayenza ngokuhlukile ukube ubuwuPhama?

Ezibonakalayo

Dweba isithombe sakho sikaPhama kanye nomdondoshiya esibonisa ukuthi umdondoshiya mkhulu kangakanani.

Ukufunda

Yiba umseshi wamagama! Bhekisisa indaba. Ungakwazi yini ukuthola izinto uPhama noma umdondoshiya azihogela, azibona nazinambitha?

Ukubhala

Ake sithi uPhama uyaqala ukubhala kuyidayari yakhe ngosuku agibela ngalo phezulu esiqwini sommbila. Ungase uqale ngokuthi: Dear Dayari, Angeke ukholwe ukuthi kwenzekeni namhlanje …

Umsebenzi wezandla

Gcina izikhwebu zommbila ozidlile. Faka opende abanemibala ehlukahlukene ezitsheni ezincane. Cwilisa izikhwebu zommbila kupende, bese uzisebenzisa ukuze wenze amaphethini kanye nezimo ezingafani ephepheni.

Ukusebenza

Ake sithi ungumdondoshiya omkhulu. Hambahamba ngendlela ocabanga ukuthi angahamba ngayo bese uthi “Hogela-phimisa-finya-suza! Ngizwa igazi lengane!” ngezwi elikhulu, elinamandla.