Inqomfi nesihlahla sehalananda Insumansumane
Home | Written stories | Multilingual stories | Inqomfi nesihlahla sehalananda Insumansumane

Written stories

Inqomfi nesihlahla sehalananda Insumansumane

Author

Michael Rice

Illustrator

Alzette Prins

Translator

Umhumushi nguBusisiwe Phakade

Njalo ekuseni, ngesikhathi ilanga lisaphakama, kwakundiza inqomfi elincane lisuka esidlekeni salo esilenga egatsheni lesihlahla sehalananda, lelule amaphiko alo, liphakamise ikhanda lalo bese liqala ukucula ingoma emnandi yokwemukela ukukhanya kwasekuseni.

Lark and Pomegranate tree_higher res_

Ngelinye ilanga ekuseni, ngesikhathi inyoni iqeda ukucula, yabheka phansi yabona ihalananda elikhulu, elivuthiwe liphansi. Kungenzeka ukuthi ihalananda lalihlephuke phakathi ngesikhathi liwela phansi, ngoba izinhlamvu zalo ezikhazimulayo zazisakazeke yonke indawo zifana namarubhi abomvu ngokujiyile ebenyezela elangeni.

Inqomfi lehlela phansi laqala ukudla izinhlamvu ezigcwele ijusi. Ngesikhathi lisaphakamisa ikhanda lalo ukuze liculele ukubonga lesi sidlo esimnandi kangaka, enye yezinhlamvu zehalananda yanamathela empinjeni walo. Inqomfi lethuka kakhulu laze landizela phezulu esibhakabhakeni sasekuseni.

Lakhuphukela phezulu esibhakabhakeni, lakhwehlela lase lithimula, lakhafula inhlamvu. Inhlamvu yawela emhlabeni edwaleni elisezintabeni.

Inqomfi landiza lingalimalanga, kodwa inhlamvu yahlala emfantwini wedwala. Yahlala lapho iminyaka eminingi ngaphambi kokuthi iqale ukuhluma. Kwakungekho nhlabathi engakhula kuyo, yayichelelwa imvula edlulayo njalo emva kwesikhathi esithile.

Ngelinye ilanga, ngemva kokuduma kwezulu, inhlamvu yaqala ukukhipha amahlumela, ifuna noma yini engayisiza ukuthi ikhule. Ngemva kwesikhathi eside yakwazi ukubambelela emfantwini wedwala, kwakungasekho lutho olungayisusa.

Kwedlula isikhathi. Kwedlula izinkathi zonyaka enye emva kwenye. Amahlumela ayethambile aze aba yizimpande ezinamandla kakhulu ezikwazi ukungena zijule endaweni eklayekile nasemifantwini, ekugcineni zahlakaza idwala laba yizingcezu eziningi, ngesikhathi amagatsha ayo ekhula ebheke esibhakabhakeni.

Sakhula kanjalo-ke isihlahla.

Izinyoni zakha izidleke emagatsheni aso zase zidla izithelo zaso – ezaziwela phansi noma zisakazeke emhlabeni noma ikuphi lapho zazingawela khona bese zilinda imvula ukuthi ithambise inhlabathi ezaziwele kuyo.