Umenzi wemvula

Written stories

Umenzi wemvula

Author

Kgosi Kgosi

Illustrator

Magriet Brink noLeo Daly

Translator

Dumisani Sibiya

Kwesukasukela endaweni yaseKgalagadi, kwakukhona indoda endala enamandla. Igama layo kwakunguRapula. URapula wayenesinye sezipho ezinkulukazi emhlabeni. Wayenamandla okuhlanganisa ndawonye amafu uma eqhelelene. Wayenamandla okwenza ukuthi line. Wayaziwa yonke indawo njengoRapula, umenzi wemvula.

KuRapula, ukwenza imvula kwakuyinto ebuhlungu kakhulu. Kwakumqeda wonke amandla ayenawo, kodwa futhi kwakumnikeza injabulo ukubona abantu behlomula ngamanzi ayewa esuka emafini. Lapho lina, abantu babekha amanzi futhi bawasebenzisele ukuphuza nokupheka. Imifula yayigcwala ithi phama, ngakho izilwane zaziba nawo amanzi okuphuza. Imvula yayondla nezindawo zokulima zendawo yaseKgalagadi.

Ngemuva kweminyaka eminingi yokwenza imvula, uRapula, umenzi wemvula, wagula, amandla akhe ehla. Izwe laseKgalagadi laqala ukoma. Utshani obuluhlaza kanye nezihlahla kwaqala ukushabalala. Nakuba insizwa endala yayiqhubeka ilokhu izama, yayisikwazi ukwenza kuphela imvula engatheni nje. Futhi ngaso sonke isikhathi uma izama, yayilokhu iphelelwa amandla njalo. 

Ngokushesha insizwa endala yagula kakhulu, yaphelelwa ngamandla ngangokuthi yayingasakwazi nhlobo ukwenza imvula. Lapho kwenzeka lokhu, kwaba nesomiso esikhulu kabi. Izwe loma nezitshalo zafa. Kwakungasekho ukudla okwanele. Izilwane zafa, izitshalo zafa, nabantu bafa.

Abantu baseKgalagadi babelindile. Babesethembile ukuthi umenzi wemvula uzophila futhi. Ngenkathi belindile, bababelana ngalokho okuncane ababenakho, benikeza umenzi wemvula ukudla okuphambili ababenakho. “Mhlawumbe azobuya futhi amandla akhe ngokushesha nje,” kusho bona. 

Ekugcineni abantu babona ukuthi uRapula ngeke aphinde abe ngcono. Amadoda ahlakaniphile esigodini ayazi ukuthi konke osekumele akwenze manje, wukulinda ukuthi uRapula awedlulisele komunye amandla akhe akhethekile. 

Kwathi lapho uRapula, umenzi wezulu, eseshona, abantu baseKgalagadi baphatheka kabi. Babelahlekelwe yilungu lomphakathi elibaluleke kakhulu. Nokho, abadala bendawo baziduduza ngokwazi ukuthi isiphiwo sikaRapula sasingeke sona silahleke. Sasedluliselwe kumuntu omncanyana.

Kwaba khona umngcwabo omkhulu wokuhlonipha umenzi omkhulu wemvula. Abantu babephume ezigodini ezikude zaseKgalagadi ukuze babe khona. Babefike nokudla neziphuzo okuncane ababenakho ukuze babelane nabo bonke abantu. 

Ngaphambi kokuthi uRapula, umenzi wemvula, angcwatshwe emhlabathini ukuze aphumule ingunaphakade, kwenzeka into engajwayelekile – into eyayizokhombisa abantu baseKgalagadi ukuthi ngubani owayezoba wumenzi wemvula omusha. Imibala yothingo lwenkosazana yasuka emzimbeni womenzi wemvula omdala yazongena entombazaneni esencane egama layo uMapula, eyayiwumzukulwane kaRapula. Lokhu kwaba yinto emangazayo engakaze ibonwe muntu, kodwa wonke umuntu wabe azi ukuthi leyo kwakuyindlela abenzi bemvula ababedlulisela ngayo amandla abo. Kwakuyinto engavamisile ukwenzeka ngoba abenzi bemvula babephila iminyaka ngeminyaka.

Manje uMapula wayesengumenzi wemvula omusha wendawo yaseKgalagadi. Kwaba yizinsuku emva komngcwabo, abantu bebungaza amandla amasha entombazanyana. Bagubha ngomculo kanye nokudla. Wonke umuntu waseKgalagadi wayeza nezipho okuyizimpahla zokugqoka ezintsha, izimbali, ukudla okukhethekile kanye nezinye izinto.

Kwamthatha izinsuku ezimbalwa uMapula ukujwayela amandla akhe amasha, kodwa kungekudala aba makhulu kunakuqala. Manje kwasekumele asebenzise isiphiwo sakhe ngendlela efanele. Uma wayezothukuthela ngenkathi esenza imvula, wayezokwenza kube nokuduma noma izikhukhula. Lokhu kwakuzocoboshisa wonke umphakathi wakubo.

Nakuba iKgalagadi yayikade ingenamvula isikhathi eside kakhulu, uMapula kwakufanele afunde kancane, kancane indlela yokusebenzisa Amandla akhe. Okokuqala, wafunda ukwenza ukuthi line kancane ngokuhlanganisa ndawonye amafu amancane. Wazejwayeza ukwenza lokhu kanye ngesonto. Njengaye nje ukhokho wakhe, wayekhathala kakhulu ngemuva kokwenza amafu ukuthi abe yimvula. Ngesinye isikhathi kwakumele alale izinsuku ezimbili ukuze abuyise amandla akhe.

Abantu baseKgalagadi babehlakaniphile. Bafunda izindlela ezintsha zokonga amanzi ayigugu. Bafunda ukuzakhela amadamu nokwenza amathange amakhulu ukuze bagcine amanzi kuwo.

Ngemuva kwezinyanga eziningi zokuzejwayeza, uMapula wagcina esekwazi ukuletha izimvula ezinhle futhi eKgalagadi. Wonke umuntu wayekubungaza ukuza kwezimvula ezinkulu ngokusina nokucula. Kwase kuphele iminyaka eminingi begcinile ukuba nemvula eningi kangaka futhi babazi ukuthi ekugcineni isomiso sabe sesiphelile. Babejabule ngokuthi kwase kukhona umenzi wemvula omusha – umenzi wemvula owayezokwenza impilo yawo wonke umuntu ibe ngcono.

Veza ubuciko bakho!

Ngemuva kokufunda Umenzi wemvula, phakamisa ukuthi izingane zakho zenze izithombe zemvula. Zingasebenzisa uvolo ukwenza amafu bese zisika amaconsi emvula eziqeshini zephepha eliluhlaza okwesibhakabhaka. Noma-ke, zingazicakela ngomunwe amafu kanye nemvula. Zingase zifune ngisho nokungeza izintingo zenkosazan ezithombeni zazo!