UPhumla nesalukazi
Home | Content | UPhumla nesalukazi

Written stories

Try our growing collection of stories to print out or read aloud at home with the whole family.

UPhumla nesalukazi

Kwasukasukela, ngesalukazi esasihlala sodwa eduze nesicongo sentaba eyayiyinde yengame umuzi othile.

Wonke umuntu wakulo muzi wayesesaba kakhulu. Babesibiza ngokuthi “uMthakathi”.

Langa limbe intombazanyana encane ogama layo lalinguPhumla yakhuphuka yayofuna izimpande namakhambi asendle le emaqeleni asentabeni.

Kwathi ingazelele nje, kwabe sekuqoqana amafu kuza isivunguvungu, masinyane imvula laqala ukuyidliva.

UPhumla wayazi ukuthi kwakufanale athole okusampheme wokukhosela ngokushesha,

kodwa yayiyodwa kuphela indawo eyayiseduzane okwabe kuyindlu yesalukazi…