USiphepho
Home | Node | USiphepho

Written stories

USiphepho

Author

NguJude Daly

Illustrator

Imifanekiso ngu-Alzette Prins

Translator

Ihunyushwe nguDumisani Sibiya

UMarie-Lou Maritz wazalwa ngesikhathi kunesiphepho, kwakuyisiphepho esinolaka esacishe sabhubhisa umuzi wabadobi lapho ayehlala khona. Kwaphephuka uphahla ezindlini, kwaphihlizeka wena mawindi, izihlahla zasuka nezimpande, nokutshalwe ezivandeni kwaphephuka kwemuka.

 

Kodwa okubuhlungu nangaphezu kwalokho, iningi labadobi bezinhlanzi … abayeni, izinsizwa, amadodana nobaba … ababuyanga ekhaya. Kanti phakathi kwalabo kwakukhona uyise kaMarie-Lou.

 

Njengoba kwase kusele amadoda ambalwa kulo muzi abesifazane babhunkula bayodoba. Akuzange kube yisikhathi eside, abangani bakaMarie-Lou baqala nabo baphuma ngezikebhe. Kodwa uMarie-Lou akayanga yena ngoba wayengaboni emehlweni, okukanye njengokusho kukanina, “UMarie-Lou ubona izinto ngendlela eyahlukile.”

 

UMarie-Lou wayekuzonda kabi ukushiywa ngemuva, ekuzonda ukungakwazi ukusiza. Wake wanyonyoba wangena esikebheni, kodwa kwanothile ombonayo. Nokho, ngokushesha wathola izindlela zokuba wusizo. UMarie-Lou wafunda ukuchibela amanetha, ukuhlanza izinhlanzi nokuhlanza izikebhe. Futhi wafunda, kangcono kunanoma ngubani, ukufunda umoya – ukwazi ukuthi angafakwa nini amanetha nokuthi lungayekwa nini ulwandle lungaphazanyiswa.

 

Ngobunye ubusuku, gumbeqe, kwaqhamuka umoya onamandla wedlula emuzini. Izakhamuzi zalahla phansi yonke into, zazama ngamandla zingaphakathi ezindlini kwazise kwakuphephuka wena zigqoko, izimpahla, izitshalo, ngisho nebhayisikili kanye nebhala kwakuphephuka kubheke phansi emgwaqweni. Kwabongwa ukuthi akekho owayephumile esolwandle.

 

Izakhamuzi zazibukela zisezindlwaneni ezazizamazama ngenkathi isiphepho sinyakazisa yonke into. Hhayi kodwa uMarie-Lou, wayelalele. Futhi akuzwayo kwakuwumsindo wezihlahla zephuka njengothi lukamentshisi luklwejwa, ubuhhadlahhadla benhlabathi ifayela ngezinsunsu, ukuphahlaka kwamagagasi eshaya emadwaleni emva kwalokho … ukuthula.

 

Ngakusasa emva kwesiphepho, uMarie-Lou wavuka ekuseni kakhulu futhi, ngaphandle kokuvusa unina, washanela yonke inhlabathi eyayipheshethwe umoya yangena endlwaneni yabo. Emva kwalokho waphumela phandle.

 

UMarie-Lou walalela ukuhaza okumnandi kokugubha kwamagagasi olwandle. Kwakuzwakala kwehlukile, kunolaka ngenye ndlela ngesikhathi kunesiphepho. Emva kwalokho wayesezwa umsindo ongajwayelekile ukude: ekuqaleni kwakungathi kuyisililwane nje, ngokuhamba kwesikhathi kwezwakala sakuklewula. Kwafika kwedlula njengamagagasi.

 

Ngokunokoza, ngokucophelela, uMarie-Lou wawulandela lo msindo waze wafika eduze kwamanzi, wayesema. Ngesinye isikhathi umsindo uzwakala sengathi undiza phezulu esibhakabhakeni njengezinyoni zasolwandle. Kuthi kusuka kube sengathi uyantanta ungena uyaphuma emanzini ajwilingana phakathi kwamadwala. UMari-Lou wayazi ukuthi useseduze komsindo nakuba wawuya ngokwehla, futhi kunegebe phakathi kwawo. Emva kwalokho

wathi nya.

 

Enexhala, uMarie-Lou waya phambili ngokushesha kanti usezoshelela edwaleni. Kwaba khona okuthile okumthinta onyaweni. Wayecabanga ukuthi yisimila, ukhula lolwandle, wagoba ukuze alugudluze, nango-ke esezwa … izindletshana ezithambile, ikhala elimanzi, izidladlana ezine ezimanzi kanye nomsila otshikizayo, ogobile, omanzi. UMarie-Lou wazama ukucosha le nto encane elunama, kodwa intambo ezungeze intamo yakho yayizwakala sengathi ibambeke emadwaleni.

Ekugcineni, seyikhululekile intambo, uMarie-Lou wakhipha umdlwane owawusuminze kancane. Wamoyizela ngenkathi wenza umsindo wokuphefumula ususentanyeni iyakhe. Emva kwalokho wayesekhumbula unina. Wayezokhathazeka ngenye indlela – wayezokhathazeka futhi acasuke! Waphenduka wahamba waya ekhaya, kodwa akubanga sikhathi esingakanani wakhubeka wawa.

 

Kwaba yisikhathi lapho unina kaMarie-Lou amthola khona. Wamanga futhi wamthethisa, wamthethisa futhi wamanga uMarie-Lou indlela yonke ebheke ekhaya.

 

Ngokuhamba kwesikhathi, uMseshi uMadliwa wafika ezothatha imininingwane mayelana nomdlwane.Wabona ukuthi lokhu kwakumdabukisa kabi uMarie-Lou, ngakho wamtshela ukuthi uma kungekho muntu oqhamukayo ezothatha umdlwane kuze kuphele isonto, angawugcina kube ngowakhe. Wamoyizela wayesethi, “Eqinisweni, ngicabanga ukuthi nidalelwene nalo mdlwane.”

 

Lahamba kancane nalelo sonto kuMarie-Lou. Kodwa ngokuphela kwesonto, kwakungekho ofikile ezofuna umdlwane. Ngakho, uMarie-Lou wawetha wathi uSiphepho.

 

Nakuba kwakusewumdlwane impela, uSiphepho wayehlala eseduze kukaMarie-Lou. Akubanga sikhathi esingakanani uSiphepho wayesazi konke ukunyakaza kukaMarie-Lou –uMarie-Lou wayeqala ukucabanga ukuthi uSiphepho wayekwazi ayezokwenza ngaphambi kokuthi aze akwenze! Wayekhona ukuqondisa uMarie-Lou angayi engozini, wayekhona ukumphathela isikhwama sakhe sesikole futhi wayekhona njalo ezombheka nalapho eselele.

Veza ubuciko bakho!

* Yimiphi imibala oyicabangayo uma ucabanga ngesiphepho? Sebenzisa opened bemibala eyahlukene ukwenza isithombe sesiphepho esinolaka ephepheni elikhulu.

* Yenza ikhadi lasemtholampilo wezilwane likaSiphepho, ongumdlwane. Bhala imininingwane engezansi ephepheni emva kwalokho bese udweba isithombe sikaSiphepho ebhokisaneni elingenhla kwayo.

- Igama lesilwane sasekhaya:

- Uhlobo lwesilwane:

- Umbala wesilwane:

- Induna/insikazi:

- Igama lomnikazi waso:

- Ikheli lomnikazi:

- Inombolo yocingo yomnikazi wesilwane: