UNogwaja neNhloli
Home | Written stories | Multilingual stories | UNogwaja neNhloli

Written stories

UNogwaja neNhloli

Author

Ixoxwa kabusha u-Elaine Ridge

Translator

Umhumushi nguBusisiwe Pakade

Eminyakeni eminingi edlule kwakukhona unogwaja owawugijima kunazo zonke ezinye izilwane epulazini. Wayeziqhenya kakhulu, impela ngokuthi wayekwazi ukugijima ngesivinini esingaka. Wayengakwazi nokuzibamba elokhu exoxela ezinye izilwane ukuthi ungumsubathi ovelele kanjani.

Aw 1“Ngigijima ngishiye nesithunzi,” wayeqhoshela ngokuphindelela umngani wakhe, uNhloli.

Ngelinye ilanga ekuseni uNogwaja noNhloli bahlangana esangweni eliholela ensimini yasepulazini. Akuthathanga isikhathi eside ngaphambi kokuthi uNogwaja aqhale ukuziqhayisa, “Ngingumsubathi ohamba phambili emhlabeni wonke. Ngigijima ngishiye nesithunzi.”

“Angicabangi kanjalo,” kusho uNhloli ngesankahlu. “Ngicabanga ukuthi nami ngingagijima ngikushiye.”

“Njengoba ushaya ngonyawo lonwabu nje?” Wahleka inhlinini. “Akukho themba lokuthi ungagijima ungishiye.”

UNhloli wathi ukucabanga isikhashana. Wase ekhulumela phansi, “Kulungile. Ake sibona ukuthi ubani ogijima ukudlula omunye. Singaqhudelana ngokugijima kusasa. Sizogijima sisuke kuleli sango siye ezansi nensimu siphinde sibuye futhi.”

“Usho entshweni,” kusho uNogwaja. “Akuzodingeka nokuthi ngijime ukuze ngikuhlule, Milenze Emifishane omdala.”

“Uzobona,” kusho uNhloli. “Awunayo imilenze emide yokuwina umqhudelwano, uyazi. Sizohlangana kuleli sango kusasa, emva nje kokuphuma kwelanga. Ngizophumelela umqhudelwano. Kumele ungithembise ukuthi uma sengiphumele umqhudelwano ngeke uphinde ungibize uMilenze Emifishane noma uNyawo Lonwabu futhi.”

“Kulungile,” kuvuma uNogwaja, efile ukuzethemba unkabi. “Uma ufuna ngempela ukuqhudelana nami, kulungile. Ngiyethembisa ukuthi ngeke ngikubize ngoNyawo Lonwabu noma uMilenze Emifishane − UMA uwina. Empeleni, into engeke yenzeka leyo. Ngigijima ngishiye nesithunzi. Ngizogijima ngiye ezansi nensimu ngiphinde ngibuye ngesikhathi usacabanga ukusuka. Ngizobe sengikwazi ukukubiza uMilenze Emifishane noma uNyawo Lonwabu kaningi ngendlela engiyithandayo. Ha! Ha!”

UNhloli waxoxela umfowabo omdala ngomqhudelwano, “O nkosi yami,” kusho umfowabo, “wenze iphutha elikhulu. Kazi yini ekwenze ukuthi uvume ukwenza into engasoze yenzeka? UNogwaja ugijima ashiye nesithunzi. Manje usezokwazi ukukubiza uNyawo Lonwabu kanye noMilenze Emifishane impilo yakho yonke.”

“Ungakhathazeki,” kusho uNhloli. “Nginecebo. Icebo elihle kakhulu. Uma ungangisiza, singafundisa uNogwaja isifundo. Kuzomele ayeke ukugabisa − futhi ngeke aphinde akwazi ukungibiza ngoNyawo Lonwabu noma uMilenze Emifishane futhi!”

Ngosuku olulandelayo uNhloli wafika ngaphambi kukanoNogwaja esangweni. Njengenjwayelo, kwathatha uNhloli isikhathi eside ukuba afike lapho, kodwa wayelinde emamathekile ngesikhathi uNogwaja egxumagxuma efika ngaphambi kokuba kuvele ilanga egqumeni.

“Sawubona, Milenze Emifishane. Ngabe usafuna ukuqhudelana nami? Angithi uyazi ukuthi awunalo nethuba elincane lokuwina. Ngabe usukulungele ukwehlulwa? Khumbula ukuthi, ngigijima ngishiye nesithunzi,” kusho uNogwaja.

UNogwaja wayeqinisekile ukuthi uzowina kangangokuthi wayeseqale nokucabanga ngamagama amasha azobiza ngawo uNhloli ngemva komqhudelwano. Kwakuzoba mnandi lokhu.

UNhloli wavele wamamatheka kancane. Walinda engenavalo emgqeni wokuqala komqhudelwano. “Asiqinisekise imithetho,” kusho yena. “Sizogijima siye ezansi nensimu, bese sibuyela kuleli sango, angithi?”

Aw 2“Yebo,” kusho uNogwaja. Wase ememeza, “Lindela! Phakama! Suka!” wase esuka ethi ntinini ngesivinini angakwazi ukugijima ngaso.

Ngesikhathi efika ezansi nensimu, wayengakwazi nokuzibamba ukuhleka. “Kungenzeka ukuthi uNhloli usazama ukusuka. O, ave eshaya ngonyawo lonwabu.”

Ake ucabange ukuthi wamangala kanjani, ngesikhathi, efika ezansi nensimu uNhloli wathi thushu ezansi nensimu ethokozile wamemeza wathi, “Ngifike kuqala kunawe!”

UNogwaja wama umzuzwana. Wase ephenduka ebuyela emuva ngesivinini esikhulu kunake agijima ngaso phambilini. Wayengavamisanga ukuhefuzela nokuba nephika, kodwa wayehefuzela ephethwe nayiphika futhi ejuluka ngesikhathi ethinta isango. Wajeqeza emuva kwamahlombe akhe. Yayingabonakali nangokhalo iNhloli. Kuleli hlandla, wayeqinisekile ukuthi wayewinile. Kwase kuzwakala izwi lothokozile ngaphesheya kwesango. “Ngiphindile futhi, ngafika la kuqala kunawe!” Kwakuyinto eyayingeke yenzeke! Kodwa nango phela uNhloli, emumamathekela kamnandi.

UNogwaja wayengawakholwa amehlo akhe. UNhloli wayemshiyile. Waphenduka kancane wase ehamba kancane ebuyela ekhaya egebise ikhanda.

Kodwa uNhloli wayemshiye kanjani uNogwaja? Eqinisweni ukuthi akazange agijime nhlobo. Ngesikhathi uNogwaja egijima eya ezansi nensimu, uNhloli ucashe eduze nesango. Umfowabo ubesecashe ezansi nensimu. Ngesikhathi uNogwaja efika ezansi nensimu, umfowabo lo owathi thushu wase ethi, “Ngifike kuqala kunawe!” UNogwaja wayemangele kangangokuthi akazange abone ukuthi kwakuyinhloli ehlukile. Ngesikhathi uNogwaja efika endaweni yokuphela komqhudelwano, ehefuzela ephethwe iphika futhi ejuluka, inye kuphela into okwamele ukuthi uNhloli ayenze kwakuwukuphuma ngokuthula lapho ayecashe khona bese ethi, “Ngiphindile futhi, ngafika kuqala kunawe!”

UNogwaja azange aphinde azigabise futhi – okungenani hhayi kuNhloli. Waba ngumngani omuhle kakhulu. Akazange aphinde abize uNhloli ngamagama amabi futhi. Futhi akazange athole ukuthi uNhloli wawuwina kanjani umqhudelwano.

Veza ubuciko bakho!

Zithathe ngokuthi unguNhloli. Bhala uNogwaja incwadi emchazela ukuthi umhlakaniphele kanjani nokuthi kungani ekhethe ukumhlakaniphela.