UGundanyana

Written stories

UGundanyana

Author

Wendy Hartmann

Illustrator

Imidwebo nguMagriet Brink noLeo Daly

Translator

Ihunyushwe nguMalungi Mbhele

ULesedi wayesaba yonke into. Wayesaba izithunzi. Wayesaba imisindo. Wayesaba ngisho nokuduma kwezulu. Wayesaba izinto eziningi kakhulu kangangokuthi wonke umuntu wayesembiza ngokuthi unguGundanyana.  

 

Njalo ebusuku ngaphambi kokuba alale, wayenza izinto ezintathu. Wayevala izicabha zamakhabethe, uma kungenzeka ukuthi kukhona okucashe khona. Wayedudulela zonke izicathulo zakhe namathoyizi ngaphansi kombhede wakhe, ukuze kungasali sikhala esingangena okuthile. Kanti wayewavala ngci amakhethini, ukuze kungabi khona lutho olukwazi ukungena. Bese-ke egxumela embhedeni azemboze ngeduvethi ize ifike emehlweni akhe.  

 

“Lesedi,” kusho uyise ngobunye ubusuku ngaphambi kwesikhathi sokulala, “sekuyisikhathi sokuba ukuyeke lokhu. Usumdala kabi, sekufanele ngabe usuyazazi izinto. Kufanele uyeke ukuziphathisa okwegundanyana.”  

 

“Ngihlanza igumbi lakho zonke izinsuku,” kusho unina, ngesineke, “kanti angikaze ngibone lutho lapha.” Bamqabula bamfisela ubusuku obuhle, bamtshela ukuthi abe nesibindi bese eya kolala.  

 

“Yebo, Mama. Yebo Baba,” washo eseya kolala egumbini lakhe.  

 

“Namuhla ebusuku,” kunyenyeza yena ezikhulumela yedwa, “ngizoba nesibindi.”  

 

Ngakho-ke, wenza izinto ezintathu. Wabheka ekhabetheni washiya izicabha zivulekile – kancanyana nje. Wabheka ngaphansi kombhede wabeka amahliphasi akhe kuphela khona. Wabe eseshiya isikhala esincane ngokwanele phakathi kwamakhethini ukuze inyanga ikhanyise ngaphakathi. Wabe-ke esegxumela embhedeni wadonsa iduvethi yafika phezu kwekhanda lakhe!  

 

ULesedi wayeseqala ukushiselwa ngaphansi kweduvethi yakhe lapho ezwa umsindo ongejwayelekile – umsindo owawuqhamuka khona lapha egumbini lakhe!  

 

“Ubani lowo?” wahlebeza ngezwi eliqhaqhazelayo, wabe esebeka iminwe yakhe ezindlebeni zakhe ukuze angezwa lutho. Wayesaba kakhulu, wayefuna ukuvula umlomo wakhe adazuluke amemeze. Hhayi, hhayi, hhayi, ezincenga. Kufanele ngizame ukuba nesibindi. Ngakho wahlala ngesinqe embhedeni.  

 

“Ke-ke-kege,” kwasho izwi elingejwayelekile. “Hhayi, ngeke, ngeke, ngeke! Kufanele ngizame ukuba nesibindi. Ngicabanga ukuthi angivele ngihambe manje.”  

 

“Hhe?” kusho uLesedi, washo eziphonsa ngaphansi kweduvethi yakhe futhi. “Ubani lowo?”  

 

“Ke-ke-kege! NginguMosa. Ngiyacela bandla, ngicela ungathukutheli.”  

 

ULesedi waphakamisa ingubo yakhe walunguza. Kunomumo wesithunzi ekhoneni kwase kuthi memfu ...  

 

“Isikhukhukazi!” kusho uLesedi. “Ufunani egumbini lami?” ULesedi wavele wangazi noma ahleke noma akhale yini.  

 

“Yindaba emfishanyana nje,” kusho uMosa. “Angithi nje yikati likaNkk Kunene. Likhulu futhi likhuluphele, futhi ... futhi lifuna ukungidla!”  

 

“Pho awucashi ngani?” kubuza uLesedi.  

 

“Ngiyacasha, wena hhayi bo. Ngicashile lapha,” kuchaza isikhukhukazi.  

 

“Yebo, kodwa ungethusile,” kusho uLesedi.  

 

“Usethukile njengamanje?” kubuza uMosa.  

 

“Cha,” kusho uLesedi.  

 

“Uyabona! Ngakho-ke asikho isidingo sokwesaba. Ikati likaNkk Kunene alifuni ukudla wena. Yimina elingifunayo!” kusho isikhukhukazi.  

 

“Liphi ikati?” kubuza uLesedi.  

 

“Lile ngaphandle,” kusho uMosa esho enwabela onqenqemeni lwasefasiteleni ekhomba le ngaphandle. “Buka, buka nje, lisekhona laphaya futhi lisafuna ukungidla.”  

 

ULesedi wabuka ngaphandle ngefasitela, ngempela naliya ikati likaNkk Kunene. Lalilikhulu, futhi ngempela lalithe njo kubona phezulu.  

 

“Phonsa okuthile ngaphandle,” kusho uMosa.  

 

“Ngeke ngikwazi ukukwenza lokho!” kusho uLesedi, ethukile.  

 

“Ngobani?” kubuza uMosa.  

 

“Ngingase ngimlimaze,” kuchaza uLesedi.  

 

“Kodwa yena uma engase angibambe angangidla kanti lokho kungalimaza mina,” kwasho uMosa egxuma ebuyela phansi. “Kodwa njengoba usungitholile nje lapha, sekumele ngihambe.”  

 

“Uye kuphi?” kubuza uLesedi.  

 

“Ngizoya ensimini,” kusho uMosa.  

 

“Ensimini? Kanti awunaye yini umnikazi wakho?” kubuza uLesedi. Wayedidekile.  

 

“Cha. Ngihlala ensimini ngedwa,” kwasho uMosa, “kodwa kwesinye isikhathi ngihlala ... ngihlala ...”  

 

“Ye-yebo,” kwasho uLesedi, “uhlala ... kuphi?”  

 

“Amm ... Ammmm ... lapha!” kusho uMosa.  

 

“INIIIII?” ULesedi akakwazanga ukuyikholwa le nto ayeyizwa!  

 

“Empeleni, ngiyesaba ebusuku ngakho ngiyalinda isibani sakho size sicishwe. Bese ngidlula emakhethinini akho,” kukukuza uMosa. “Ngifisa sengathi ngabe awuwavali ngci amakhethini nokho. Lokho kwenza kube lukhuni kakhulu ukungena.”  

 

“Ngiyaxolisa,” kusho uLesedi.  

 

“Bese-ke ngizama ukungena ngaphansi kombhede wakho, kodwa njengoba kusuke kunezicathulo namathoyizi amaningi kuye kube lukhuni,” isikhukhukazi sasho ngokudabukisa. “Ngiye-ke ngizame ukungena ekhabetheni lakho, kodwa uhlale uwuvalisisile umnyango. Ngakho-ke ngiye ngilale laphaya, ekhoneni, eduze kwebhokisi lokhuni.”  

 

“Okusho ukuthi uwena obuwenza imisindo le engihlale ngiyizwa,” kusho uLesedi.  

 

“Nawe wenza imisindo eminingi,” kusho uMosa, “bese iyangesabisa, kodwa hhayi ngaphezu kwekati likaNkk Kunene. Imisindo eliyenzayo ivele ingithuthumelise ngempela.”  

 

ULesedi noMosa bagqolozelana isikhathi esingumzuzu wonke.  

 

UMosa wesaba kakhulu kunami, kucabanga uLesedi, kanti akanalo ngisho nekhaya.  

 

“Ke-ke-kege ... Mhlawumbe singazihlalela sobabili sesabe ndawonye,” kwasho uMosa.  

 

“Mhlawumbe singaba nesibindi lapho sindawonye,” kusho uLesedi  

 

“Yebo,” kusho uMosa. “Vele sesinesibindi ngoba ngeke sisayesaba imisindo yethu.”  

 

Ngakho uLesedi noMosa benza amacebo. Baqala ngokuvula amakhethini. ULesedi wadudulela ibhokisi lokhuni ngaphansi konqenqema lwefasitela.  

 

“Leli kungaba yikhaya lakho,” kusho yena. “Ngizohlale ngiwavulile amakhethini. Kungathi uma uzizwa wesaba ngempela, ungene ngaphansi kombhede wami. Ngizoze ngishiye nesicabha sekhabethe sivuliwe.”  

 

“Nami ngeke ngiwubange umsindo,” kusho uMosa. “Ngeke ngiyenze imisindo engejwayelekile ezokwesabisa ebusuku.”  

 

Ngakho-ke kusukela ngalobo busuku uLesedi noMosa baqala ukuba nesibindi. UMosa wahlala phezu kwebhokisi lokhuni ngaphansi konqenqema lwefasitela futhi kuthi uma engena egumbini enze umsinjwana omncane othi Ke-ke-kege embingelela. ULesedi wayemamatheka ebuthongweni.  

 

Kanti-ke, ake uqagele ukuthi ...  

 

ULesedi akasazesabi izithunzi noma ukuduma kwezulu, futhi wonke umuntu useyekile ukumbiza ngoGundanyana. UMosa akasalesabi ikati likaNkk Kunene – phela usenendawo ephephile yokucasha nokuhlala khona.  

 

FUTHI ... ngezikhathi ezithile, uMosa ushiya izipho ezintathu ebhokisini lokhuni bese uLesedi, unina noyise bathole amaqanda amasha ebhulakufesi.