Sanibona, igama lami nginguThando. Umama wami uthi yingoba wayengithanda kakhulu. Ngihlala nomama, umzala wami uSantie, nomamncane uSallie. USantie nomama wakhe basanda kufika ukuzohlala nathi emasontweni amabili adlule. Umamncane uSallie ungudadewabo omncane kamama. Ngiyaqala ukuhlangana naye ngoba ngezwa ugogo ethi umyeni wakhe akafuni ukuba asivakashele. Babehlala eMpumalanga ngaphambi kokuba bathuthe bazohlala nathi eGoli. Umama uthi uMamncane uSallie wayenezinkinga ekhaya ngakho kwadingeka ukuthi bazohlala nathi. Akazange angitshele ukuthi zaziyini lezo zinkinga zasekhaya.
Siyalingana ngeminyaka noSantie. Empeleni, hhayi kahle hle, ngimdala kuye ngezinyanga ezine.
“Izinyanga ezintathu nezinsuku ezingamashumi amabili!” kumemeza uSantie.
“Hhayi suka, kuyafana nje nezinyanga ezine,” kusho mina.
“Cha akufani!” kuphendula yena.
Njengoba ubona-ke uSantie uyathanda ukuphikisa abanye. Angazi ukuthi kungani ethanda kangaka ukuphikisa. Akusikho nakubo la. Njengoba bengisasho-ke, futhi kumele ngikuhlebeze lokhu ukuze angangiphazamisi, “Ngimdala kuye ngezinyanga ezine.”
Namhlanje usuku lokuzalwa lukaSantie lweminyaka eyi-11. Umama uthi uzolwenza lube olwekhethelo. Umamncane uSallie uzobe esebenza namhlanje ebusuku. Uqale ukusebenza njengoweta erestorenti yaseSandton futhi akakwazanga ukuthola usuku lwekhefu. Ngakho umama usihambisa emamuvini siyobuka u-Jock of the Bushveld.
Ngiyethemba ukuthi kuzoba mnandi. Asisakwazi ukulinda. Mhlawumbe kungcono ngithi, angisakwazi ukulinda. Usuku lwanamhlanje alukaze lube mnandi kuze kube manje. Njalo uma ngifuna ukudlala umdlalo uSantie ufuna ukudlala enye into, kumele senze into efunwa uyena. Umama uthi kumele ngidlale lokho okufunwa uSantie ngoba usuku lwakhe lokuzalwa. Ngizamile ukucela ukuthi sidlale enye into, kodwa uSantie uvele amemezele ukuthi umama amuzwe, “Kodwa usuku lwami lokuzalwa!” Ngiyethemba ukuthi ngosuku lwakhe lokuzalwa oluzayo uzobe engasekho la.
Ngemuva kokuba sesiqede ukugeza futhi sekuzoshaya isikhathi sokuba siye kumamuvi, umama uthi unesipho sami noSantie. Usithengele izingubo nezicathulo esizozigqoka kumamuvi. Uthi yikhona sizobukeka njengamaleti. Kwaze kwanzima bakwethu! Kodwa, kungani engazange asithengele amajini noma okunye? Ingubo kaSantie ifana neyami, kodwa yona ibomvu, bese eyami iba phuzi. Futhi sifake izicathulo ezifanayo, ukuthi nje ezakhe zibomvu bese ezami ziba phuzi. Ngiyazizonda izingubo ezingamalokwe. USantie yena uyazithanda lezi zingubo.
“Mama! Sineminyaka eyishumi nanye, hhayi eyisikhombisa!” Ngisho kumama ngoba nginamahloni ngalezi zingubo ezifanayo.
Umama uyangibuka bese ethi, “Wena, Thando, ngabe iyona ndlela obonga ngayo leyo? Ngizoyibuyisela esitolo ingubo ungabe usahamba nathi ukuya emamuvini. Kungani ungakhombisi nhlonipho njengoSantie, uthi uyabonga?”
Ngakho ngithi, “Ngiyabonga,” ngingundaza.
Umama uyangibuka bese ethi, “Angikuzwanga.”
Ngiyaphinda futhi ngisho kakhulu, “Ngithe NGIYABONGA.”
“Kuzwakala kangcono-ke lokho. Hamba-ke uyoshintsha manje,” kusho yena. Ngibona uSantie emamatheka engikokozela engabonwa umama. Ngifisa sengathi ngingamncinza. Uyangidina.
Saqede ukugqoka; ngiyizonda ngempela le ngubo. Umama bese ethi, “Asihambeni mantombazane.” Siyamlandela.
Uma sesingena etekisini ukuze siye emamuvini, umshayeli wetekisi uthi, “Waze wanamantombazane amahle, Nkosikazi!” Ngibe sengimamatheka noma ngizazi ukuthi ngibukeka ngimuhle kunoSantie. Kodwa ngiyacasuka uma esebuza umama ukuthi, “Ngabe bangamawele yini?”
Kanti ngesikhathi ngisathi ngizothi cha, singabazala nje, umama athi, “Cha, bangodade.” Akayena kodwa udadewethu. Ungumzala wami!
Safika kumamuvi, kanti ngifisa ukuthi ngingaboni muntu engimazela esikoleni sami.
Yenzeka indaba!
Ngesikhathi silinde umama esayothenga amathikithi, ngibona lo mfana omuhle engimthandayo oseklasini lami. USiya uhamba nomngani wakhe omkhulu uSam, nabo baya emuvini.
Uthi kimina, “Hawu sawubona Thando; uthi asenibadala kakhulu nje ukuthi ningagqoka izingubo ezifanayo?”
Uyayibona-ke le nto engiyishoyo? Ngifisa sengathi ngingathi mhlaba vuleka ngingene.
“Akudokwe eligayelwe wena lelo? Uyisiwula somfana ongazi lutho ngemfashini!” kuphendula uSantie.
Kodwa, Nkosi yami, ukwenzeleni lokhu?
“Yebo, akusizi noma ungathini ‘wele’ likaThando,” usho kanjalo bese yena noSam betibana baqale ukuhleka besikhomba.
Ngiqhukuze uSantie ngendololwane ngithi, “Yini inkinga yakho? Besikhona kodwa isidingo sale nto oyenzile?”
“Ubekugcona. Bengithi ngiyakusiza,” kuphendula yena.
“Ngiyabonga kakhulu! Angizange ngilucele usizo lwakho. USiya ungumfana omuhle ukudlula bonke eklasini lami, manje sengizoba inhlekisa yeklasi lonke,” ngisho ngokuthukuthela.
“Ngabe uyisoka lakho?” esho engigingqela amehlo akhe.
“Chabo,” kusho mina. Ngifisa sengathi ngabe uyisoka lami, manje ngeke esaba yilo ngenxa yalo mlomo wakhe omkhulu.
“Ihe, uThando unesoka, uThando unesoka …” kucula yena.
Umama ubuya ngaleso sikhathi bese ebuza uSantie, “Uthini, sithandwa?”
USantie bese ethi, “Lutho, Mamkhulu. Besizincokolela nje noThando.”
Umama uthi, “Kulungile-ke,” bese esinikeza ngamunye ibhokisi lamaphophukhoni, isiphuzo esihlwahlwazayo nama-Smarties.
“Ngibonga kakhulu, Mamkhulu, lolu usuku lokuzalwa oludlula zonke,” kusho uSantie eqabula umama esihlathini.
Umama uyamamatheka bese ethi, “Hhayi, sithandwa sami, akulutho nje lokhu. Ngithembisa ukwenza unyaka ozayo ube ngcono kakhulu.”
Kuthi mangife! Lolu usuku lokuzalwa olubi kunazo zonke. Futhi akulona nosuku lwami lokuzalwa. Kanti uSantie uzobe ela futhi nangonyaka ozayo?
Uma sengimdala ngifuna ukuba ngumenzi wamafilimu achaza okuthile okwenzekile, amadokhumentari. Anginaqiniso ukuthi benzani, kodwa owesifazane owayeze esikoleni wathi wenza lokhu, kanti kwakuzwakala kuyinto edlisayo. Wathi uqopha izindaba. Ngakho ngiqopha le ndaba ukuze athi lapho uSantie esekhulile, naye akhumbule ukuthi lolu kwakuwusuku lokuzalwa olubi kunazo zonke!