Written stories
Ingozi
Ngelinye ilanga emini, umndeni kaZulfah wawusekhishini. Wonke umuntu wayenza okuthile. UZulfah wayelekelela ubaba wakhe ukuqoba imifino yesobho. Umama wakhe wayegeza izitsha kusinki. Umfowabo kaZulfah omncane, u-Ashraf wayenxaniwe. Wayefuna into angayiphuza kodwa akekho umuntu owamuzwa ethi, ‘Ngicela okuphuzwayo!’ ngoba babematasatasa bonke.
U-Ashraf wayejwayele ukuba nencence kodwa wayengayiboni ndawo. Ngesikhathi ebheka phezulu etafuleni wabona ingilazi yobisi.
‘Ma, ma, ma,’ kusho u-Ashraf ezama ukufinyelela engilazini.
PHAHLA!!!! Ingilazi yawa yaphahlazeka phansi. Kwakunengilazi yonke indawo…