Ukuhlenga isilwane
Home | Content | Ukuhlenga isilwane

Written stories

Try our growing collection of stories to print out or read aloud at home with the whole family.

Ukuhlenga isilwane

Ekuseni kakhulu ngolunye usuku olwalunetha, uDavid wavuswa umsindo othi “nyawu, nyawu, nyawu” ngaphandle kwekamelo lakhe. Wagijima wavusa ubaba wakhe base bephuma beyobheka ngaphandle. Babona izinyane lekati elincane, elizacile, elimnyama licashe phezulu esihlahleni.

“Libukeka lithuke kakhulu futhi lingenamandla,” kusho uDavid.

Izinyane lekati labuka uDavid lathi nyawu kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi kungenzeka ukuthi lilimele,” kusho ubaba kaDavid. “Ake sithathe isitebhisi bese…”