Ingozi
Home | Content | Ingozi

Written stories

Ingozi

Ngelinye ilanga emini, umndeni kaZulfah wawusekhishini. Wonke umuntu wayenza okuthile. UZulfah wayelekelela ubaba wakhe ukuqoba imifino yesobho. Umama wakhe wayegeza izitsha kusinki. Umfowabo kaZulfah omncane, u-Ashraf wayenxaniwe.  Wayefuna into angayiphuza kodwa akekho umuntu owamuzwa ethi, ‘Ngicela okuphuzwayo!’ ngoba babematasatasa bonke.

U-Ashraf wayejwayele ukuba nencence kodwa wayengayiboni ndawo. Ngesikhathi ebheka phezulu etafuleni wabona ingilazi yobisi.

‘Ma, ma, ma,’ kusho u-Ashraf ezama ukufinyelela engilazini.

PHAHLA!!!! Ingilazi yawa yaphahlazeka phansi. Kwakunengilazi yonke indawo…