Follow us

Isiphiwo sokukhuluma

Isiphiwo sokukhuluma Siyisiphiwo sokuphila. Thina bantu siyakhuluma, Sikhuluma sibange umsindo. Izilwane nazo ziyakhuluma, Okwazo ukukhuluma  Thina kubuye kusidide.   Ukukhuluma isiphiwo sokuxhumana; Bakhuluma ngezandla, amehlo, namakhanda Thina saphiwa umlomo, ulimi namazinyo, Ngakho sibanga umsindo sizwane. Abanye abakhulumi, kabezwa, kababoni. Thina esibonayo, esizwayo nesikhulumayo, Kuhle simbonge ongabonwayo

Izibongo zovemvane

(Kungakuhle uma yaziwa ngekhanda, ukuze oyihayayo akwazi ukuyaluza, asikaze, agiye njengembongi.) Thatha magqabhagqabha, Nyoni engadlelwa nyama, Ingani ezinye ziyosiwa, Zizalele amaphuphu.   Ngikuthanda ugcogcoma, Ugcobhoza ngomunwe Ezimbizeni zodwani Nasezinkambeni zembali.   Ngilandela ngamehlo Laph’ ilanga liphuma, Ngiguquke liyoshona, Ngikukha, ngikubuka.   Woza luvemvane, Ukhulu wath’ undiza Ezigangeni njengembuzikazi Engayibon’ ithwel’ umqhele, Umqhele wakho ngamabala, Ayizidindi […]

Obani bona

(Kungaba namaqembu amabili, elinye liyabuza, elinye liphendule. Kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Obani bona? Omantindane. Bathweleni bona? Bathwel’ imigqomo, Bayisaphi bona? Bayis’ esangomeni, Sangom’ esinje, Asigezwa  ngenyandezulu Yon’ eshay’ inyamazane Ithungel’ emadevini,   Ochith’ ukhophe Alufak’ edokweni, Unogwaja mpe! Isele  bhakla! bhakla! Umkhont’ etsheni hhu! hhu! Izibankwa pheshe, pheshe!

Sawubona wethu

(Nalapha kungaba ngamaqembu amabili, elinye liyaphawula noma libuze, elinye liphendule. Kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Sawubona wethu. Yebo wethu. ‘Phumaphi na? KwaMatshekana. Wadlani na? Isinambathi. Singani na? Ngomcengezana. Abantu pho? Wo bhekle! Wo bhekle! Wo bhekle!

Ngiyabathanda

Ngiyabathanda abazali bami, Nabo ngiyazi bayangithanda, Bayangikhulisa futhi bangenzela konke okuhle. Ngiyabathanda omkhulu nogogo, Nabo  bangithanda njengabazali bami, Yibona abangikhulisela abazali bami, Babakhulisa kahle.   Ngiyabathanda omalume nomalumekazi, Bangiphatha kahle uma ngibavakashele. Nabazala bami ngiyabathanda, Sidlala kamnandi nabo.   Umnewethu nomnawami ngiyabathanda. Nabo bayangithanda, bangikhonzile. Thina nabo sikhonzene siyathandana. Kuhle ukuthandana uma nizalana.

Mina ngiyithiphothi

(Kungahambisana nokwenziwa ngezandla. Emgqeni 2, isandla singamiswa  okomlomo wethiphothi, kuthi emgqeni 4 isandla noma ingalo igotshwe njengesibambo sethiphothi. Emigqeni 4 no-5 kungalingiswa ukuphuma kwamanzi ethiphothini  eya enkomishini.) Mina ngiyithiphothi. Lo umlomo wami, Les’ isandla sami, Ngithele bo! Ngithele bo!

Umzanyana uthi

(Lapha u-A, angashiwo ngumuntu oyedwa noma  iqembu A.  Ku-B, kwenanela abeqembu B.) We Nokuthula! Wu! Wu! Wu! Igula lomntwana: Wu! Wu! Wu! Zaqheqhe zengane: Wu! Wu! Wu! We Nomsutho! Wu! Wu! Wu! Woz’ uthule:  Cha, cha, cha, bo!

We bafana!

(Lapha kungaba namaqembu amabili adedelanayo ngemigqa.)  We bafana! Iyo! Aph’ amathole? Iyo! Azodlani? Iyo! Umgqushumba.

Ugogo

Siyamthanda ugogo, Ugogo naye uyasithanda. Thina siyamnakekela, Naye thina uyasinakekela. Simphembela umlilo, Simfudumezel’ amanz’ okugeza, Asixoxel’ izinganekwane, Thina silalelisise, Ulwazi lwakh’ olunzulu. Thina siyamthanda ugogo.

We Nomathemba!

(Lapha kungadedelwana. Iqembu elinye lingade liphawula, libuye libuze. Elinye iqembu lingasho eminye imigqa esampendulo njengokuthi: “Yile ndoda,” nokuthi: “O, hhayi, ngiyesaba!”) We Nomathemba! Ushaywe ubani? Yile ndoda. Ibiz’ ize lapha, O, hhayi, ngiyesaba! Gibela nant’ ihhashi. O, hhayi, ngiyesaba! Ehl’ amathamb’ Ebhek’ ezansi, Enyuk’ amathamb’ Ebheke phezulu.

Invest in a nation of readers!