Click here to follow us on

Obani bona

(Kungaba namaqembu amabili, elinye liyabuza, elinye liphendule. Kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Obani bona? Omantindane. Bathweleni bona? Bathwel’ imigqomo, Bayisaphi bona? Bayis’ esangomeni, Sangom’ esinje, Asigezwa  ngenyandezulu Yon’ eshay’ inyamazane Ithungel’ emadevini,   Ochith’ ukhophe Alufak’ edokweni, Unogwaja mpe! Isele  bhakla! bhakla! Umkhont’ etsheni hhu! hhu! Izibankwa pheshe, pheshe!

Sawubona wethu

(Nalapha kungaba ngamaqembu amabili, elinye liyaphawula noma libuze, elinye liphendule. Kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Sawubona wethu. Yebo wethu. ‘Phumaphi na? KwaMatshekana. Wadlani na? Isinambathi. Singani na? Ngomcengezana. Abantu pho? Wo bhekle! Wo bhekle! Wo bhekle!

Ngiyabathanda

Ngiyabathanda abazali bami, Nabo ngiyazi bayangithanda, Bayangikhulisa futhi bangenzela konke okuhle. Ngiyabathanda omkhulu nogogo, Nabo  bangithanda njengabazali bami, Yibona abangikhulisela abazali bami, Babakhulisa kahle.   Ngiyabathanda omalume nomalumekazi, Bangiphatha kahle uma ngibavakashele. Nabazala bami ngiyabathanda, Sidlala kamnandi nabo.   Umnewethu nomnawami ngiyabathanda. Nabo bayangithanda, bangikhonzile. Thina nabo sikhonzene siyathandana. Kuhle ukuthandana uma nizalana.

Isiphiwo sokukhuluma

Isiphiwo sokukhuluma Siyisiphiwo sokuphila. Thina bantu siyakhuluma, Sikhuluma sibange umsindo. Izilwane nazo ziyakhuluma, Okwazo ukukhuluma  Thina kubuye kusidide.   Ukukhuluma isiphiwo sokuxhumana; Bakhuluma ngezandla, amehlo, namakhanda Thina saphiwa umlomo, ulimi namazinyo, Ngakho sibanga umsindo sizwane. Abanye abakhulumi, kabezwa, kababoni. Thina esibonayo, esizwayo nesikhulumayo, Kuhle simbonge ongabonwayo

Izibongo zovemvane

(Kungakuhle uma yaziwa ngekhanda, ukuze oyihayayo akwazi ukuyaluza, asikaze, agiye njengembongi.) Thatha magqabhagqabha, Nyoni engadlelwa nyama, Ingani ezinye ziyosiwa, Zizalele amaphuphu.   Ngikuthanda ugcogcoma, Ugcobhoza ngomunwe Ezimbizeni zodwani Nasezinkambeni zembali.   Ngilandela ngamehlo Laph’ ilanga liphuma, Ngiguquke liyoshona, Ngikukha, ngikubuka.   Woza luvemvane, Ukhulu wath’ undiza Ezigangeni njengembuzikazi Engayibon’ ithwel’ umqhele, Umqhele wakho ngamabala, Ayizidindi […]

Ugogo

Siyamthanda ugogo, Ugogo naye uyasithanda. Thina siyamnakekela, Naye thina uyasinakekela. Simphembela umlilo, Simfudumezel’ amanz’ okugeza, Asixoxel’ izinganekwane, Thina silalelisise, Ulwazi lwakh’ olunzulu. Thina siyamthanda ugogo.

We Nomathemba!

(Lapha kungadedelwana. Iqembu elinye lingade liphawula, libuye libuze. Elinye iqembu lingasho eminye imigqa esampendulo njengokuthi: “Yile ndoda,” nokuthi: “O, hhayi, ngiyesaba!”) We Nomathemba! Ushaywe ubani? Yile ndoda. Ibiz’ ize lapha, O, hhayi, ngiyesaba! Gibela nant’ ihhashi. O, hhayi, ngiyesaba! Ehl’ amathamb’ Ebhek’ ezansi, Enyuk’ amathamb’ Ebheke phezulu.

Imoto endala

Thiba mathiba, selashona! Wawusus’ amaphepha antininize, Namuhla akhela kuwe. Wawunyathela izibankwa zibaleke, Namuhla zicashelana kuwe.   Thiba, kade wawubona. Izindimbane owawuzithutha kazibalwa, Wena mshado, wena mngcwabo, Wena ongembeswayo sewalala. Nixoxelana ziphi nenyanga?

Culani

Culani bantwana besikole, Cikozani ngamaphimbo amtoti. Culani ngobunono, manono. Umculo wenu umnandi, Umnandi njengowezinyoni, Ezicula kamnandi emahlozini.   Culani nani zinyoni, Culani kamtoti emahlanzeni, Cwengani ngengcwenga yamaphimbo, Majuba nithi:  “Amdokwe! Amdokwe, Amabele avuthiwe ehlanzeni!” Cikozani nize nicimeze.   Culani nani bophezukomkhono: “Phezu komkhono! Phezu komkhono! Mfazi wadl’ imbewu!” Bavuseni nalab’ omama Abangakayidl’ imbewu, balime, Batshale […]

Unyaka

Lethwese ihlobo, Kuhluma utshani nezihlahla, Amagquma nezintaba kuhle, Konke kuncwaba ngoNcwaba.   Lingene ihlobo, Izihlahla notshani kuhlobile, Yizimbali namacemb’ ayimibalabala, Kuhle konke kudelile.   Sekungene ukwindla, Indlala isingen’ indlela, Yaqhela yashabalala, Sesifinya ngezindololwane.   Sebufikile ubusika, Namakhaz’ ashubis’ umnkantsha Kasinandaba thina nawo, Ayohamb’ asishiye sinjalo.

Invest in a nation of readers!