Follow us

Isiphiwo sokukhuluma
Siyisiphiwo sokuphila.
Thina bantu siyakhuluma,
Sikhuluma sibange umsindo.
Izilwane nazo ziyakhuluma,
Okwazo ukukhuluma 
Thina kubuye kusidide.
 
Ukukhuluma isiphiwo sokuxhumana;
Bakhuluma ngezandla, amehlo, namakhanda
Thina saphiwa umlomo, ulimi namazinyo,
Ngakho sibanga umsindo sizwane.
Abanye abakhulumi, kabezwa, kababoni.
Thina esibonayo, esizwayo nesikhulumayo,
Kuhle simbonge ongabonwayo

Invest in a nation of readers!