Follow us

Ngiyabathanda abazali bami,
Nabo ngiyazi bayangithanda,
Bayangikhulisa futhi bangenzela konke okuhle.
Ngiyabathanda omkhulu nogogo,
Nabo  bangithanda njengabazali bami,
Yibona abangikhulisela abazali bami,
Babakhulisa kahle.
 
Ngiyabathanda omalume nomalumekazi,
Bangiphatha kahle uma ngibavakashele.
Nabazala bami ngiyabathanda,
Sidlala kamnandi nabo.
 
Umnewethu nomnawami ngiyabathanda.
Nabo bayangithanda, bangikhonzile.
Thina nabo sikhonzene siyathandana.
Kuhle ukuthandana uma nizalana.

Invest in a nation of readers!