Follow us

Obani bona

(Kungaba namaqembu amabili, elinye liyabuza, elinye liphendule. Kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Obani bona? Omantindane. Bathweleni bona? Bathwel’ imigqomo, Bayisaphi bona? Bayis’ esangomeni, Sangom’ esinje, Asigezwa  ngenyandezulu Yon’ eshay’ inyamazane Ithungel’ emadevini,   Ochith’ ukhophe Alufak’ edokweni, Unogwaja mpe! Isele  bhakla! bhakla! Umkhont’ etsheni hhu! hhu! Izibankwa pheshe, pheshe!

Sawubona wethu

(Nalapha kungaba ngamaqembu amabili, elinye liyaphawula noma libuze, elinye liphendule. Kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Sawubona wethu. Yebo wethu. ‘Phumaphi na? KwaMatshekana. Wadlani na? Isinambathi. Singani na? Ngomcengezana. Abantu pho? Wo bhekle! Wo bhekle! Wo bhekle!

Ngiyabathanda

Ngiyabathanda abazali bami, Nabo ngiyazi bayangithanda, Bayangikhulisa futhi bangenzela konke okuhle. Ngiyabathanda omkhulu nogogo, Nabo  bangithanda njengabazali bami, Yibona abangikhulisela abazali bami, Babakhulisa kahle.   Ngiyabathanda omalume nomalumekazi, Bangiphatha kahle uma ngibavakashele. Nabazala bami ngiyabathanda, Sidlala kamnandi nabo.   Umnewethu nomnawami ngiyabathanda. Nabo bayangithanda, bangikhonzile. Thina nabo sikhonzene siyathandana. Kuhle ukuthandana uma nizalana.

Isiphiwo sokukhuluma

Isiphiwo sokukhuluma Siyisiphiwo sokuphila. Thina bantu siyakhuluma, Sikhuluma sibange umsindo. Izilwane nazo ziyakhuluma, Okwazo ukukhuluma  Thina kubuye kusidide.   Ukukhuluma isiphiwo sokuxhumana; Bakhuluma ngezandla, amehlo, namakhanda Thina saphiwa umlomo, ulimi namazinyo, Ngakho sibanga umsindo sizwane. Abanye abakhulumi, kabezwa, kababoni. Thina esibonayo, esizwayo nesikhulumayo, Kuhle simbonge ongabonwayo

Izibongo zovemvane

(Kungakuhle uma yaziwa ngekhanda, ukuze oyihayayo akwazi ukuyaluza, asikaze, agiye njengembongi.) Thatha magqabhagqabha, Nyoni engadlelwa nyama, Ingani ezinye ziyosiwa, Zizalele amaphuphu.   Ngikuthanda ugcogcoma, Ugcobhoza ngomunwe Ezimbizeni zodwani Nasezinkambeni zembali.   Ngilandela ngamehlo Laph’ ilanga liphuma, Ngiguquke liyoshona, Ngikukha, ngikubuka.   Woza luvemvane, Ukhulu wath’ undiza Ezigangeni njengembuzikazi Engayibon’ ithwel’ umqhele, Umqhele wakho ngamabala, Ayizidindi […]

Sinekhaya

Thina sinekhaya, Lapho singabakhona, Lapho sihlala khona, Sihlala singumndeni, Umndeni othandanayo, Umnden’  othembanayo.   Sonke sinelinye ikhaya, Ikhaya elingedluli, Esothi sonke singedlula, Kulo mhlaba sidlulele kulona. Sihlale kulona unomphela, Sithokoze kuze kube phakade.

Amazinyo ami

Amazinyo ami, Angubuhle bami, Ngihleka ngawo, Ngidla ngawo, Ngimuhle ngawo.   Amazinyo ami Ngiyawanakekela, Ukuz’ ahlal’ ephilile. Ngiyawaxubha njalo, Ukuze angaboli, Abolise umlomo.   Amazinyo  ami Ahlolwa udokotela Ezinyangeni eziyisithupha. Anezimbobo ayagcwaliswa, Abolile ayakhishwa. Ngiyawathanda, ngiyawanakekela Amazinyo ami.

Yaqhamuka inyoni

(Abahayayo bangalingisa ngokuhambisana nomlolozelo. Lapho bethi: “Bhengu! Bhengu!” bangashaya imizimba ngezindololwane ukulingisa ukubhula amaphiko. Lapho bethi “Kunyonini lokhuya” bangabheka phezulu bakhombe.) Yaqhamuka inyoni, Yandizela phezulu, Yabhula amaphiko: Bhengu! Bhengu! Yandiza, Yandizela phezulu. Kunyonini lokhuya Okundizela phezulu? Kufana noheshane, Inyon’ edliz’ inkukhu. Izinkukhu zonkana, Zisala ziphithiza, Zizihlom’ ezingcingweni. Selokhu zazingelwa Amakhosi oheshane, Zakubon’ okukhulu, Zakubeleth’ emhlane!

Yebuya hobhe

(Kungaba namaqembu amabili: elinye liyaphawula libuze,  elinye liphendule. kanti bangahlangana bonke, babuze, babuye baphendule.) Yebuya hobhe, Uy’ uphetheni? Ngiya ngipheth’ inyama. Uya kuyosaphi? Ngiyakuyos’ endle. Ekhaya kunani? Ngesaba  obaba, Bazongiphuca, Bangiphuc’ idevu, Lomnt’ omdala. Ngiyalesaba, LinjengoBholobha, Ehlez’efusini, Ethi: Maye!Maye! Kazi ngoshonaphi! Ngoshona kobaba, EMgungundlovu. Bangiph’ ucwephe, Lukhuhl’ izilwane, ZakwaMasasa. Masasa vuka! Ngivuke kanjani Ngibulewe nje […]

Imvula

Woza we mvula, Uzosithela we! Ngawo amathonsi Abandayo qa! Siyakuthanda Thina bantwanyana Uma sidlala Ucabhayiyane, Co! Co! Ucabhayiyane. Umoya uyasitshela Uma  usuzofika. Kugcwale imifula, Kugcwale imihosha. Siyowelaphi na? Solal’ ezihlahleni, Sidle izindoni.

Invest in a nation of readers!