Home | Node | Kungani inyanga incipha ibuye ikhule

Story Library

Being told stories and being read to leads children to develop the rich storehouse of language, grammar and vocabulary they need to bring to texts when learning to read and write. 
Try our multilingual stories below or send us your own stories to share with others.

Kungani inyanga incipha ibuye ikhule

Author

Kirstin Hartmann

Illustrator

Heidel Dedekind

Translator

Dumisani Sibiya

Emandulo, uMama Nyanga wayekhanyisa isibhakabhaka njalo ebusuku. Wayenengubo eyayithungwe ngendwangu enhle kakhulu esagolide. Ingubo yakhe yayikhanya ithi bha ngendlela yokuthi kwakunokukhaya okwanele ngangokuthi bonke abantu babekwazi ukubona indlela emnyameni. 

 

Ngezinye izikhathi uMama Nyanga wayezisonga azithi ngci ngengubo ehlele emhlabeni azowuvakashela. Ngobusuku bumbe, phakathi nobusika, eduze kogu lomfula, wahlangana nesalukazi esasihlala sodwa vo. Lesi salukazi asethukanga uma sibona uMama Nyanga. 

 

“Ngena ngaphakathi,” kwasho sona semukela uMama Nyanga ukuthi angene ekhaya lakhe. Sasikujabulele ukuba nomuntu naso. 

 

UMama Nyanga waqaphela ukuthi isalukazi sasilokhu sigedezele lokho futhi siqhaqhazela ngoba sasizwela amakhaza kakhulu. UMama Nyanga waphatheka kabi ngalesi salukazi wayesesinika isiqeshana sengubo yakhe esagolide. Isalukazi semboza ngayo amahlombe. Sazizwa sesifudumele. 

 

“Ngiyabonga,” kusho sona. “Ave ulungile.” 

 

Kodwa ekuseni, isalukazi sabona ukuthi ingubo yayiyinhle kangakanani,  safuna esinye isiqephu. Sasifuna ukuthunga iziqephu ezimbili ukuze sizenzele ingubo enkudlwana. 

 

Ngakho-ke ngobusuku obulandelayo uMama Nyanga wehla wazovakasha, isalukazi saqamba amanga sathi sisagodola. UMama Nyanga waphinda waphatheka kabi ezwela isalukazi wasinikeza isiqephu sesibili sengubo enhle. 

 

Ekuseni, isalukazi sathungela iziqephu ezimbili ndawonye sazixhuma, kodwa sasiyigovu, safuna okungaphezulu kwalokho. Ngaphambi kokuthi uMama Nyanga afike azovakasha ngobusuku besithathu, isalukazi sayifihla ingubo yaso. Sayemboza kahle ngendlela yokuthi ukukhanya okusagolide kwakungabonakali kuphuma endlini yaso. Sase sitshela uMama Nyanga amanye amanga. Sathi ingubo intshontshiwe manje sesigodola kakhulu, kakhulu kunakuqala. 

 

UMama Nyanga kwamdabukisa lokhu. Wabona indlela isalukazi senkosi esase siqhaqhazela ngayo ngenxa yomoya wasebusuku. Ngakho uMama Nyanga wasinikeza isalukazi isiqeshana sokugcina sengubo ayesishiyile. Manje, uMama Nyanga wayengasakhanyi nhlobo. Wayesevalalelisa esalukazini, esifisela okuhle, wahamba. 

 

Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa abantu bomuzi oseduze baqala ukukhathazeka. Babengasakwazi ukubona ebusuku. Kwase kuphele isikhathi eside kakhulu kungekho ukukhanya kwenyanga ngangokuthi baze banquma ukuthola imbangela yalokho. Bakhanyisa izibani baqala ukucinga. Bacinga amahora amaningi baze bakhathala, kwabhoka nokoma, base bema ogwini lomfula ukuze baphumule. 

 

Ngenkathi bephumule bezwa owesifazane okhalayo. Uma beqalaza ngapha nangapha, bathola uMama Nyanga. Kwakungekho kukhanya okuphuma kuye futhi wayebukeka edumele. 

 

“Yini ekwenze wadumala kangaka?” kubuza bona. “Singakusiza kanjani?” 

 

UMama Nyanga wabatshela ngengubo yakhe enhle nokuthi ibikhanya kangakanani ngokugqamile esibhakabhakeni. Waphinde wabatshela ukuthi wayekuthanda kanjani ukuvakashela umhlaba, nangesalukazi esasizwela amakhaza. “Angikwazi ukubuyisa ingubo kimi,” kusho uMama Nyanga. “Isalukazi senkosi asinalutho esingalwembatha ukuze sifudumale. Ngaphandle kwengubo yami, angikwazi ukukhanyisa isibhakabhaka ebusuku.” Waphinda wakhala futhi. 

 

“Sizokusiza,” kusho izakhamuzi. “Woza sihambisane. Sizosithola isalukazi sikhulume naso.” 

 

Abazange bayicinge isikhathi eside indlu yesalukazi ngoba ingubo yayikhanya ithe bha laphaya ngaphakathi. Bamemeza kakhulu isalukazi saze saphuma endlini. 

 

Kwathi uma isalukazi sibona uMama Nyanga emile ebumnyameni izinyembezi zigcwele izihlathi zakhe, asiqeda amahloni ngokuzicabangela sodwa. Ngaphandle kokuba sithi vu samnikeza ingubo yakhe. Abantu basheshisa basonga uMama Nyanga ngengubo yakhe, kwathi lapho imthinta, yaqala ukukhazimula, yakhanya kakhulu kunakuqala. 

 

“Ngaphambi kokuthi ubuyele esibhakabhakeni sobusuku,” kwasho abantu, “sicela usitshele ukuthi sisijezise kanjani isalukazi.” 

 

UMama Nyanga wacabanga ngalokho isikhathi eside wayesethi-ke, “Cha, ningamjezisi. Okungcono angimfundise ukwabelana nabanye.” 

 

UMama Nyanga wakhipha ukotini emphethweni wengubo yakhe wawunika isalukazi. “Uma uzwela amakhaza,” etshela isalukazi, “udonse lo kotini, emva kwalokho uzobe sewazi ukuthi yini okulandelayo okumele ukwenze.” Emva kwalokho uMama Nyanga wabuyela esibhakabhakeni eshiya umkhondo wentambo kakotini esagolide ngemuva kwakhe. 

Ukusukela ngalolo suku, uMama Nyanga wahlala esesibhakabhakeni ebusuku, ekhazimula ngokugqamileyo. Futhi ukusukela ngalolo suku, kanye ngenyanga, uma ngabe isalukazi sesiqala ukuzwela amakhaza, sidonsa intambo kakotini esagolide. Siyidonsa siyidonse intambo leyo ize ibe ningi ngokwanele ukuthunga ingubo esagolide. Ngenkathi senza lokhu, ingubo kaMama Nyanga esibhakabhakeni iyakhumuka iphenduke ibe ncanyana ize ingakhanyi nhlobo.

Emva kwalokho uma isalukazi sesifudumele ngokwanele, siyabonga bese sidedela uMama Nyanga ukuthi athathe intambo ayibuyisele kuye kancane kancane. Emva kwalokho uMama Nyanga uyayithunga ingubo yakhe ize igcwale futhi, ibe nkulu bese ikhanya ngokugqamile esibhakabhakeni ebusuku. 

 

Yingakho-ke, njalo ngenyanga, inyanga iphenduka iba ncanyana ibuye ibe nkudlwana. Kwaba njalo kusukela ngalelo langa kuze kube namuhla.