Ngenye impelasonto, uThandi noZulfah bathola ikhoni elalenziwe ngekhalibhothi elidala. UThandi wabuka ngakwelinye icala noZulfah naye wabuka ngakwelinye. Babonana amehlo abo! Base benquma ukucula ngekhowuni ngesikhathi esisodwa kodwa imisindo yabo yashayisana!
‘Angiqale ngiculele endlebeni yakho, bese nawe sewuculela endlebeni yami,’ kusho uThandi. UZulfah wafaka ikhoni endlebeni yakhe, uThandi wase eqala ukucula!
‘Benye, benye, benye, benye inkanyezana encane,’ kucula uThandi kakhulu.
Umsindo OMKHULU wangena endlebeni kaZulfah. Wawumkhulu kangangokuthi kwaba buhlungu.
‘Ishu, Thandi, bekubuhlungu kakhulu!’ kusho uZulfah ebambe indlebe yakhe ezizwa ethukuthele.
‘Nxese,’ kusho uThandi.
‘Ngizotshela umama ukuthi ungilimazile,’ kusho uZulfah ngesikhathi ephuma egqishazela…
2 Dingle Avenue |Kenilworth | Cape Town 7708 | Western Cape
+27 (0)21 448 6000
Media Enquires >
©2024 Nal’ibali. All rights reserved. | Web Design by The Agency.