UBhubesi wayeyinkosi yezilwane. Wayeziqhenya ngokubhonga kwakhe,
futhi wayeziqhenya ngamazinyo namazipho akhe abukhali,
kodwa wayeziqhenya kakhulu ngesikhumba sakhe esisagolide nomhlwenga wakhe.
Ngelinye ilanga ephuza exhaphozini, uBhubesi waqaphela ukuthi umhlwenga wakhe wawunamashanda.
“Kuyini lokhu?” egwavuma ekhuluma yedwa.
Waphenduka wase ebona ukuthi kukhona uboya obusukile emhlane wakhe osagolide.
UBhubesi waphatheka kabi kakhulu.
Wagijima wayobona uDokotela Fudu ukuze athole ukuthi kungenziwani ukuze asindise isikhumba sakhe…
The Nal’ibali Trust Unit G06, WBHO House 6 Logan Way Pinelands Cape Town, 7430
+27 (0)21 448 6000
Media Enquires
©2024 Nal’ibali. All rights reserved. | Web Design by The Agency.