UFeleng ufunda ukufunda | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | UFeleng ufunda ukufunda

Written stories

UFeleng ufunda ukufunda

Author

Joanne Bloch

Illustrator

Maja Sereda

Translator

Xolisa Tshongolo

Umvunya onguFeleng wawuthanda izindaba ‘Mama,’ kusho yena ebusuku, ‘sicela usixoxele indaba. Ngiyakucela, ngiyakucela, ngiyakucela bandla!’

UMama uMvunya wayazi indaba eyodwa kuphela futhi wayesekhathele ukuyixoxa. Kodwa uFeleng kanye nezinye izingane zomvunya zazimncenga kakhulu kangangoba wayegcina esevumile. Wayebaxoxela ngalokho okwakwenzeka ekhishini. Wayekhuluma ngohambo lwakhe olude oluya lapho, nangazo zonke izinto ezinkulu, ezixakile ayezibone emakhabetheni. ‘Abantu basebenzisa izinto eziningi ezifana nezinkomishi, amapuleti nezipuni,’ kusho yena. ‘Zixakile ngempela!’

Ingxenye emnandi endabeni yayiba lapho uMama uMvunya  esetshela izingane ngakho konke ukudla ayekuzwile. ‘Kwakukhona izimvuthu zesinkwa, amakhasi amahhabhula, izingqumbi ezimnandi zephalishi nezinhlayiya zikashukela ngemuva kwesitofu …’ kusho yena.

‘Kwaconsisa amathe bo!’ bevungama ngamazwi angathi bayaphupha.

Kodwa ngemuva kwalokho wafika engxenyeni engemnandi yendaba yakhe – usuku lapho umuntu azama khona ukumciphiza ambulale. ‘Ngabalekela ukufa nokuphila!’ kusho uMama uMvunya.

Ngelinye ilanga uMama uMvunya watshela izingane zakhe ukuthi azizikhiphele isidlo sasemini. ‘Feleng uwena omdala,’ kusho yena. ‘Ngicela unakekele odadewenu nabafowenu.’

Imivunya ayidli zonke izinsuku ngakho imivunya emincane yayilambe kakhulu. Yalinda kwaze kwahamba wonke umuntu futhi kwathula endlini. Yaphuma ngamunye ngamunye emfantwini osodongeni lapho yayihlala khona. ‘Ngilandeleni,’ kuhlebeza uFeleng.

Yenyuka, yenyuka, yenyuka ngomlenze wetafula elikhulu. Phezu kwalo kwakukhona izincwadi ezivuliwe ezintathu noma ezine nephepha kanye namakhrayoni asakazekile. ‘Bhekani lokhu kudla okumnandi’ kuntela udadewabo kaFeleng.

Kodwa wakhomba umdwebo ofonyoziwe uFeleng wathi, ‘Ningazidli izincwadi. Yidlani lokhu – kunambitheka kangcono ngenxa yamakhrayoni akukhona.’

Akuphelanga sikhathi obafowabo nodadewabo bakaFeleng base bedla umdwebo, kodwa yena wayegqolozele imibhalo emnyama nezithombe ezigqamile emakhasini encwadi. Wabe esegibela phezu kwayo waqala ukulandela kancane nangokucophelela umbhalo ngamunye.

Udadewabo omncane uFifi wabheka phezulu wase ebuza, ‘Wenzani Feleng? Awudli ngani?

Wavele wamamatheka uFeleng. ‘Yima uzobona,’ kusho yena.

Ngalobo busuku, ngesikhathi imivunya yezincwadi emincane igone kumama wayo emfantwini wodonga, uFeleng waqala ukukhuluma: ‘Ngiyazi ukuthi ufunani!’ kusho uMama uMvunya. Wayethokozile ngemuva kosuku lwakhe lokuthula eyedwa ekhaya. ‘Ufuna ngikuxoxele indaba.’

UFeleng wasineka: ‘Hhayi ngalobu busuku,’ kusho yena. ‘Fifi, tshela uMama ukuthi ngenzeni namhlanje.’

UMama uMvunya esezwile ukuthi uFeleng uwulandele kanjani umbhalo osencwadini ngesikhathi ezinye izingane zidla, waqala ukukhathazeka kancane. ‘Bewenzani Feleng?’ kubuza yena. ‘Zonke izingane zidinga ukudla, uyazi nawe.’

‘Ngingadla kusasa,’ kusho uFeleng. ‘Namhlanje ngenze into engcono kakhulu – ngifunde ukufunda!’ Wabe esechaza ukuthi ubewubuka kanjani umbhalo omnyama emakhasini nezithombe. ‘Ngithole ukuthi bewungitshela okuthile,’ kusho yena. ‘Ngemuva kwesikhathi ngiqale ukuqonda ukuthi imibhalo ibichaza ukuthini…yizinhlamvu zamagama, kanti izinhlamvu zamagama zenza amagama. Amagama wona akha imisho, bese imisho yenza izindaba. Ngakho ungaphumula namhlanje, Mama – namhlanje ebusuku yithuba lami LOKUKUXOXELA indaba!’

Ngakho uFeleng waxoxela umama wakhe nabafowabo nodadewabo indaba yengane yomuntu eyaya emfuleni yahlangana nengwenya. ‘Yini umfula? Yini ingwenya?’ kumemeza imivunya emincane.

‘Angazi,’ kuhleka uFeleng, ‘kuzomele ngithole kabanzi ngalokhu kusasa. Kodwa isithombe sikhombise isilwane esikhulu, esesabekayo esinomlomo omkhulu kakhulu.’

‘Njengabantu!’ kusho uMama ngokuthuthumela.  Zaqhaqhazela zakhala zonke izingane zemivunya, kwavevezela nezimpondo zazo … Lokhu kwakusho ukuthi kwase kuyisikhathi sokulala.