Isalukazi nengulube yaso
Home | Written stories | Multilingual stories | Isalukazi nengulube yaso

Written stories

Isalukazi nengulube yaso

Author

Wendy Hartmann

Illustrator

Jiggs Snaddon-Wood

Translator

Umhumushi nguBusisiwe Pakade

Listen to the story here

Ngelinye ilanga isalukazi sasishanela ikhaya laso lapho sesithola imali esase siyikhohliwe. Sasijabule kangangokuba sagida, sazungeza sicula.

“Awubheke nje,” sisho siphephezelisa imali emoyeni. “Konje ngingenzani ngayo? Ngiyazi! Ngizoya emakethe ngiyothenga ingulube.”

Ngakho ngakusasa saya emakethe sase sithenga ichwane elihle lengulube. Sagqokisa ingulube ukhololo, sabophela intambo kukhololo sase siqala ukuhamba sesiya ekhaya nayo. Endleleni eya ekhaya, bafica uthango lwamapulangwe olungaphakeme.

Isalukazi sathi, “Ngiyakucela, Ngulube, ukuthi weqe uthango.” Kodwa ingulube ayizange ilweqe uthango. Noma sesiyincenga kangakanani, ingulube ayizange inyakaze.

Old lady & Pig 1.lo res

Ngaleso sikhathi kwaqhamuka inja izihambela nje, isalukazi sase sithi kuyo “We Nja, we Nja! Woza la. Ngicela uxoshe le ngulube. Ayifuni ukweqa uthango, lokho kuchaza ukuthi angeke ngifike ekhaya namhlanje ebusuku.

Kodwa inja ayizange iyixoshe ingulube.

Ngakho isalukazi sayolanda ibhakede elinamanzi elalimi buqamama eduze nothango. “We Manzi, ngicela uthele le nja. Inja ayifuni ukuxosha ingulube. Ingulube ayifuni ukweqa uthango, lokho kuchaza ukuthi angeke ngifike ekhaya namhlanje ebusuku.”

Kodwa amanzi akazange ayithele inja.

Isalukazi sabona inkabi isekude. Yathi uma isondela, samemeza, “We Nkabi, we Nkabi, ngicela uphuze amanzi. Amanzi awafuni ukuthela inja. Inja ayifuni ukuxosha ingulube. Ingulube ayifuni ukweqa uthango, kanti sekuyahwalala. Sekufanele mina nengulube siye ekhaya.”

Kodwa inkabi ayizange iwaphuze amanzi.

Ngaleso sikhathi kwase kwedlula umnikazi webhusha.

Isalukazi sammisa samncenga, “We Mnikazi webhusha, Mnikazi webhusha, ngicela uthathe le nkabi uhambe nayo. Inkabi ayifuni ukuphuza amanzi. Amanzi awafuni ukuthela inja. Inja ayifuni ukuxosha ingulube. Ingulube ayifuni ukweqa uthango. Sengibona kuphakama inyanga. Ingulube nami bekumele ngabe sifike ekhaya ehoreni nesigamu eledlule.”

Kodwa umnikazi webhusha akazange ayithathe inkabi …

Manje isalukazi sase siqala ukuthukuthela – akekho owayekwazi ukusisiza! Ngakho sanquma intambo eyayisephaketheni laso sase sithi, “Ntambo, Ntambo, ngicela ubophe umnikazi webhusha. Umnikazi webhusha akafuni ukuthatha inkabi. Inkabi ayifuni ukuphuza amanzi. Amanzi awafuni ukuthela inja. Inja ayifuni ukuxosha ingulube. Ingulube ayifuni ukweqa uthango, kanti manje sengibona nonyezi. Ingulube nami bekumele ukuba sifike ekhaya emahoreni amaningi edlule!”

Kodwa intambo ayizange imbophe umninibhusha.

Kusenjalo kwadlula igundane ligijima linqamula insimu, isalukazi sase simemeza sithi, “Gundane, Gundane, ngicela ulume intambo. Intambo ayifuni ukubopha umnikazi webhusha. Umnikazi webhusha akafuni ukuthatha inkabi. Inkabi ayifuni ukuphuza amanzi. Amanzi awafuni ukuthela inja. Inja ayifuni ukuxosha ingulube. Ingulube ayifuni ukweqa uthango kanti nenyanga seyiphezulu esibhakabhakeni. Bekufanele ukuba mina nengulube sesilungisela ukulala manje.”

Lama igundane. Labuka isalukazi. “Yebo,” kusho igundane. “Ngizoyiluma intambo, uma unganginika ushizi.”

Ngakho isalukazi safaka isandla saso ekujuleni kwephakethe laso, saphumputha ukuthi kukhonani, sase sikhipha ucezu oluncane lukashizi salunika igundane. Lathi uma seliqedile igundane ukudla ushizi, laqala ukuququda intambo; intambo yaqala ukubopha umnikazi webhusha; umnikazi webhusha waqala ukuqhuba inkabi; inkabi yaqala ukuphuza amanzi; amanzi aqala ukuthela inja; inja yaqala ukuxosha ingulube … ingulube yase yeqa uthango.

Old lady & Pig 2.lo res

Isalukazi saphefumula kakhulu sase sihamba siya ekhaya. “Hawu, ekugcineni,” kusho sona.

Ngabe safika nini nengulube ekhaya? Akekho owaziyo. Uma lesi salukazi ngabe sihlala ngakini, noma uma wazi, sicela usitshele.