Inkukhu kaGogo egazingiwe | Nal'ibali
Home | Written stories | Multilingual stories | Inkukhu kaGogo egazingiwe

Written stories

Inkukhu kaGogo egazingiwe

Author

Helen Brain

Illustrator

Vian Oelofsen

KwakuyiSonto ekuseni uZahara wayedweba isithombe egumbini lakhe lokulala. Nqe nqekukhala insimbi yasemnyango ngaphambiliUZahara wagijima wayovula umnyango. Kwakuwugogo wakhe. 

SawubonaGogo,” kusho yenaemgona ugogo wakhe. 

Ngithenge inkukhu egazingiwe esuphamakethe,” kwasho uGogoInkukhu yayisephaketheni elimhlophe elikhulu futhi yayisafudumele ngenkathi uZahara eyithinta. Yayinuka kamnandi! 

Awu kwakuhle,” kusho unina kaZahara eza ngasemnyango. “Yibeke phezu kwekhawunta yasekhishinisizoyidla ngesidlo sasemini.” 

Angisakwazi nokulinda size siyidle,” kwasho uZahara. “Inuka kamnandi bo.” 

Ake ngenze itiye,” kwasho uBaba esekhishini. “Nina nobathathu ningahlala kusofa ninethezekeYini ningabukeli umabonakude? 

Ngaleso sikhathi uZahara wezwa kukhala umakhalekhukhwini kayise wabe esemuzwa ekhuluma ocingweni. 

Kudingeka ngiye emsebenzini,” kusho uBaba esebheke emnyango wangaphambili. “Ngizobuya emva kwesikhathi.” 

UGogo noMama babebukele uhlelo lwabo oluyintandokazi kumabonakude. 

Uhambe kahle,” kusho uMama. 

Uhambe kahle,” kusho uGogo. 

UZahara wayedweba. “Uhambe kahle, Baba,” kusho yena. 

Masisha uhlelo lukaGogo noMama lwaphela kwabe sekuyisikhathi sesidlo sasemini. UMama waya ekhishini ukuyolanda isinkwaisaladi nenkukhu egazingiwe. Wavula iphakethewakhipha inkukhu wayibeka epuletini. Hhayi boAmehlo kaMama avuleka aba makhulu wukwethuka. Kukhona okwakushodaUmlenze owodwa wawungasekho. 

Zahara,” kubiza yena. “Woza la, manje nje.” 

UZahara wayesazi ukuthi uma uMama embiza ngalelo zwi lakhe elithukuthele, kwakudingeka agijime. Ngokusheshawabeka phansi ikhrayoni lakhe waphuthuma ekhishini. Kwenzenjani, Mama?” kubuza yena. 

Uwena odle umlenze wenkukhuKukhona ovele wadephula umlenze wonke wenkukhu wawudla,” kusho uMama ekhomba inkukhu. 

“Cha, Mama,” kusho uZahara. “Ngempelaakumina.” 

Uneqiniso lalokho?” kubuza uMama. 

Nginesiqiniseko ESIKHULU, Mama,” kusho uZahara ebukeka ekhathazekile. 

UMama akabange esasho lutho olunye. Kunalokhowaphumela emnyango waya lapho uMalume uJoe wayelungisa khona imoto yakhe. 

“Joe, uwena odle umlenze wenkukhu?” kubuza yena. 

UMalume uJoe wayevulele umsakazo wakhe phezulu kakhulu. Uthini?” kumemeza yena. 

“UWENA NA ODLE UMLENZE WENKUKHU?” kumemeza uMama ezama ukugqiba umsakazo. 

Yebobandlanami ngiyayicela inyama yenkukhunengilazi kadilinki futhi,” naye ememeza. 

UMama wavele waphelelwa amandla. Waqonda esihlahleni sikamango esikhulu esasisekhoneni lengadi. Umfowabo kaZahara omncaneuDavid, nomngane wakhe omkhuluuLebobabedlala emagatsheni esihlahla. 

“David,” kusho uMama, “uwena odle umlenze wenkukhu?” 

Hawu kwangconosekuyisikhathi sokudla?” kusho uDavid. “Silambe siyafa.” 

Uwena na odle umlenze wekhukhu?” kubuza uMama futhi ephinda. 

“Cha, Mama,” kusho uDavid. 

Akazange,” kusho noLebo. “Thina selokhu sizidlalela la esihlahleni nje.” 

UMama wabuyela endlini. UMama wayecasuke kakhulu. “Okusho ukuthi-ke akekho umuntu odle umlenze wenkukhu,” kusho yena. “Pho uphi?” 

Mhlawumbe usisi wasesuphamakethe uyena owuthathile,” kusho uZahara. 

UMama washaya izandla. “NgempelaKwenzeke lokhoUsisi wasesuphamakethe odayisele uGogo le nkukhu kusho ukuthi uhlephule umlenze wawunikeza omunye umuntu.” 

“Cha bo,” kwaphika uGogo. “Mina ngithe ngicela inkukhu ephelele egazingiwe. Ngikhokhele inkukhu ephelele egazingiwe, kodwa manje kukhona ayihlephulile. Manje asisenakho ukudla okwanele kwesidlo sasemini.” UGogo wavele wakhala. 

UZahara kwamdabukisa ukubona uGogo ekhala naye wavele wakhala. NoMama wavele wakhala. Bobathathu bahlala phansi bakhalabakhala. 

UMama wafinya wesula amehlo akhe. Ngeke nje kulunge!” kusho yena. “Amasuphamakethe awavunyelwe nje ukukwenza lokhuSizophindela khona esuphamakethe sibatshele ukuthi kufanele basinikeze enye inkukhu egazingiwe.” 

NgakhouMamauGogo noZahara baphikelela khona esuphamakethengenkathi uMalume uJoe egade uDavid noLebo. 

Ngicela ukukhuluma nemenenja,” kusho uMama uma befika khona. Wayesekhuluma ngalelo lizwi lakhe lokuthukuthelaimenenja yafika isigijima. 

 Ngingakusiza nganiNkosikazi?” kubuza yona. 

Kukhona othathe umlenze wenkukhu yethu!” kumemeza uMamauGogo noZahara kanyekanye. 

Yisenzo esibi kabi leso,” kusho imenenja. “Ngizobiza usisi osebenza ekhawunteni yezinkukhu ezigazingiwe.” Wacosha umbhobho wokumemeza wasesitolo wathi, “Nkosazane Esebenza Ekhawunteni Yezinkukhu EzigazingiweNkosazane Esebenza Ekhawunteni Yezinkukhu Ezigazingiwengicela uze ehhovisi lemenenja ngokushesha.” 

UMama wayeshaya ngonyawo phansi elindile. Ngokushesha inkosazane esebenza ekhawunteni yezinkukhu ezigazingiwe yafika igijima. Ngingakusiza?” kusho yona. 

Leli khasimende lithi uthathe umlenze wenkukhu yalo egazingiwe,” kusho imenenja. 

“Cha boangizange,” kusho le nkosazane. “Ngifake inkukhu egazingiwe ephelele ephaketheni ngalinikeza uGogo. 

“Cha, cha, cha, awuzange!” kusho uMama. “Mina ngithe uma ngivula isikhwama senkukhu efike ngaso ekhaya umlenze ubungasekho!” 

 Inkosazane le yaqhaqhazela yaphela. “Angizange ngiwuthathengiqinisile. Angizange,” kusho yona. 

Imenenja yayisithukuthele kakhulu. “Thathela laba bantu enye inkukhu egazingiwe manje nje,” yasho ngokubhavumula. “Gogongizokunikeza enye inkukhu egazingiwe mahhalanekhekhe likashololediukuze ngikhombise ukuxolisa kwethu.” 

Ngakho-keuMamauGogo noZahara bagoduka nenkukhu egazingiwe ephelele esikhwameni esimhlophenekhekhe elikhulu likashokoledi lisebhokisini. 

Uma befika ekhayauBaba wabe esebuyile emsebenzini. Nivelaphi?” kubuza yena. “Kungani ningakasidli isidlo sasemini namanje?” 

UZahara wamxoxela indaba yonke. Wamangala ukubona uBaba ebukeka ethukile. 

Hawe Ma,” kusho uBaba. “Ngaze ngayenza into embiYimina othathe umlenze wenkukhu ngenkathi ngihamba ngiya emsebenzini. Bengilambile, futhi nenkukhu beyinuka kamnandi.” 

Hawe,” kukhala uMama. “Ngifake loya muntu wabantu esuphamakethe enkingeni ngento engekho.” 

Futhi yimina engikunikeze lowo mcabango wokuthi uyena oyihlephulile,” kusho uZahara. “Hawubakithi!” 

Ngakho-keuBabauMamauGogo noZahara bapakisha inkukhu egazingiwe yesibili nekhekhe likashokoledi esikhwamenibonke sebeqonde khona belu esuphamakethe. Uma befika khonabaqonda ehhovisi lemenenja. 

Imenenja yakhathazeka uma iphinda ibabona – FUTHI! Bakithisekwenzenjanike futhi manje?” yasho izicabangela yodwa. “Le nkosikazi izongithethisa futhi.”  

Kodwa uMama akazange athethe. 

Siyaxolisa kakhulu,” kusho uMamauGogouBaba noZahara. 

Bekuyiphutha lami,” kusho uBaba. “BengilambileYimi othathe umlenze wenkukhu. Ngicela ubize usisi lo osebenza ekhawunteni yezinkukhu ezigazingiwe.” 

Imenenja yacosha umbhobho wokubiza abasebenzi esitolo. “Nkosazane Esebenza Ekhawunteni Yezinkukhu EzigazingiweNkosazane Esebenza Ekhawunteni Yezinkukhu Ezigazingiwengicela uze ehhovisi lemenenja ngokushesha.” 

Inkosazane esebenza ekhawunteni yezinkukhu ezigazingiwe yabukeka yesaba lapho ibona uMamauBabauGogo noZahara. “Ngiyacela bandlaungangixoshi,” isho ibhekise kumenenja. 

Kodwa uBaba wakhipha isikhwama sakhe semali wanikeza imenenja imali yenkukhu egazingiwe neyekhekhe likashokoledi. Wabe esenikeza inkosazane leyo isikhwama leso. “Mina, thatha,” kusho yena. “Ngiyaxolisa kakhulu ngokukufaka enkingeniNgicela uzithokozele lezi zinto.” 

Inkosazane yajabula kakhulu ukuthola inkukhu nekhekhe kwesidlo sayo sasemini. Kodwa uZahara wajabha. “Umuphe lonke ikhekhe,” kusho yena. 

Ngakho uBaba waphinde wakhipha isikhwama sakhe semali wathenga enye inkukhu egazingiwe nelinye ikhekhe likashokoledi. 

Emva kwesidlo sasemini wonke umuntu wathola ucezu lwekhekhe – uMama, uBabauGogouMalume uJoeuZaharauDavid noLebo. Kodwa ucezu olukhulu kunazo zonke lwatholwa uZaharangoba phela uyena owayeyintombazane kaBaba yekhethelo