Kungani izinkawu zihlala ezihlahleni | Nal'ibali
Home | Node | Kungani izinkawu zihlala ezihlahleni

Written stories

Kungani izinkawu zihlala ezihlahleni

Author

Ixoxwa kabusha nguNicky Webb

Illustrator

Imidwebo nguRichard Mackintosh

Translator

Umhumushi nguBusisiwe Pakade

UBhubesi wayeyinkosi yezilwane. Ukubhonga kwakhe kakhulu kwakwenza ukuthi amacembe aqhaqhazele ezihlahleni. Wayechitha isikhathi sakhe ezingela ukudla abuye ethamele ilanga. Wayeziqhenya ngokubhonga kwakhe, futhi wayeziqhenya ngamazinyo namazipho akhe abukhali, kodwa wayeziqhenya kakhulu ngesikhumba sakhe esisagolide nomhlwenga wakhe.

 

Ngelinye ilanga ephuza exhaphozini, uBhubesi waqaphela ukuthi umhlwenga wakhe wawunamashanda. “Kuyini lokhu?” egwavuma ekhuluma yedwa. Waphenduka wase ebona ukuthi kukhona uboya obusukile emhlane wakhe osagolide. UBhubesi waphatheka kabi kakhulu. Wagijima wayobona uDokotela Fudu ukuze athole ukuthi kungenziwani ukuze asindise isikhumba sakhe.

 

“Hmmm,” kusho uDkt Fudu edla amathambo engqondo. “Lesi yisimo sokuthile esibucayi kakhulu, kodwa angazi ukuthi siyini. Awuthi-ke ngidle amathambo engqondo …”

 

“Mamo! Lokhu kuzwakala sengathi yisimo esibi kakhu,” kusho uBhubesi ebambe ongezansi, kodwa angeke kulunge ukuthi ibhubhesi elikhulu likhale. Amadolo akhe ayeshayisana. “Ngabe … ngabe ngizophila?” esho ebambe ongezansi.

 

“Uzophila noma kanjani,” kuhleka uDkt Fudu, “ukuthi nje unamazenze amaningi. Kumele uyocela uNkawu ukuthi akuchobe amazenze. Konke kuzobe sekubuyela esimweni esijwayelekile.”

 

“Amazenze? Yilokho nje kuphela?” kusho uBhubesi sekwehle uvalo. Wabonga uDkt Fudu wase ephuthuma eyofuna uNkawu.

 

UNkawu wayephethwe ukuganga njengenjwayelo. Wayehleli esihlahleni ejikijela amajikijolo abizwa ngengwenya abolile entibaneni evilaphayo eyayilele elangeni.

 

“Nkawu!” kubhonga uBhubesi. UNkawu wagxuma wacishe wawa esihlahleni. “Nkawu, ngabe ungakwazi ukuzongichoba amazenze ejazini lami?” kubuza uBhubesi.

 

“Yebo, kulungile, Nkosi Yamakhosi,” kubongela uNkawu lapho elahla ijikijolo lokugcina ehla esihlahleni eshesha.

 

UBhubesi walala elangeni elifudumele ngesikhathi uNkawu emkama emchoba umhlwenga noboya. Walokhu emkama emchoba. Wamphulula wase emlungisa kahle. Ilanga lalifudumele, kwathi kungaphelanga sikhathi uBhubesi wayeselele zwi.

 

Lapho uBhubesi esephaphama, wathola ukuthi wayengakwazi ukunyakaza. Wabhonga ngentukuthelo lapho ethola ukuthi uNkawu wayebophele umsila wakhe esihlahleni. Lapho uBhubesi ezama edonsa futhi ezama ukuzithukulula, laya ngokuqina ifindo elisemsileni. Isinkwe esincane sabukela ngamehlo aso asasoso esihlahleni lapho uBhubesi esebunzimeni, edonsa.

 

“Ngingakusiza, Bhubesi,” kusho uSinkwe kamnene, “kodwa kumele uthembise ukuthi angeke ungidle.”

 

UBhubesi wayesekhathele emizamweni yakhe. “Impela angeke ngikudle,”esho ngephika. Kwakukhala nesisu sakhe. USinkwe wayebukeka enovalo. “Ngiyethembisa ukuthi angeke ngikudle!” kusho uBhubesi.

 

Ngakho uSinkwe wehla esihlahleni wase eqala ukumqaqa ifindo ngeminwe yakhe emide ethambile. Ekugcineni, uBhubesi wayesekhululekile. Wabonga uSinkwe wase ehamba.

 

Ngesikhathi ehamba uBhubesi wacabanga ngalokho akwenziwe uNkawu wase ezizwa ethukuthela kakhulu. Wanquma ukufundisa uNkawu isifundo. Watshela ezinye izilwane ukuthi zilinde izinsuku ezinhlanu bese zitshela uNkawu ukuthi uBhubesi ufile.

 

Ngemva kwezinsuku ezinhlanu izilwane zaya kuNkawu zamtshela ukuthi, okudabukisayo ukuthi ushonile uBhubesi. UNtibane waze wenza sengathi uyakhala. Izilwane zatshela uNkawu ukuthi zinqume ukuvalelisa uBhubesi ngokwenza idili. UNkawu wayewathanda amadili, wabe esethi, “Ngizoba lapho noma kanjani!”

 

Ngaleyo ntambama uNkawu wabukela ngesikhathi izilwane zishaye ujenga eduze komzimba webhubesi omkhulu futhi kudlula isilwane ngasinye, siphulula umhlwenga wakhe, siqabula nekhanda lakhe futhi silivalelisa. UNkawu wayegxumagxuma aqale ame ngomunye umlenze abuye ame ngomunye. Wayefisa ukuvalelisa uBhubesi ngokushesha ukuze ayodla edilini.

 

Uthe uma efika ekhanda likaBhubesi, wagoba wase entela, “Ndlelanhle kati elikhulu eliyisiwula. Ngidlale ngawe ngempela.”

 

Kwavuleka amehlo kaBhubesi wase egxuma E-BHO-O-NGA! UNkawu wethuka kakhulu waze wawa, walala ngomhlane.

 

UNkawu wasukuma ngokushesha wase egibela esihlahleni esasiseduze, lapho ahlala khona etshwekeza futhi eqhaqhazela wuvalo. UBhubesi waphinde wabhonga wase enyakazisa isidladla sakhe esikhulu ekhomba uNkawu, “Wena kanye nazo zonke ezinye izinkawu niyozisiza ngokuthi ningehli ezihlahleni! Uma nike nehla, ngiyanethembisa ukuthi niyoba isidlo sami sakusihlwa!”

 

Kuze kube namhlanje, izinkawu zichitha isikhathi sazo sonke ezihlahleni futhi azicabangi ukwehlela phansi ngoba zesaba ukuba yisidlo esilandelayo sikaBhubesi.

 

Veza ubuciko bakho!

Mema izingane zakho ukuthi zidwebe isithombe sengxenye yendaba lapho uNkawu ebuka khona ezinye izilwane lapho zidlula umzimba webhubesi. Phakamisa ukuthi zidwebe amabhamuza enkulumo noma amabhamuza omcabango kaBhubesi, uNkawu Kanye nezinye izilwane, izingane bese zenza okukodwa phakathi kokubhala amagama noma ukudweba izithombe emabhamuzeni ukuze kukhombise lokho okungenzeka ukuthi kucatshangwa noma kushiwo ngezinye izilwane.