Ukwenza into ewubuwula | Nal'ibali
Home | Content | Ukwenza into ewubuwula

Written stories

Ukwenza into ewubuwula

Ngelinye ikhefu lasesikoleni elalinetha kakhulu zonke izingane kwadingeka ukuthi zihlale ngaphakathi kwegumbi lokufundela. Ngemuva kokuba seziqedile ukudla, ezinye izingane zanquma ukuthi zizenzele umdanso we-hip hop omusha.

Kwakumnandi kwaze kwaba ngesikhathi uTara ethi, “He, niyazi ukuthini, asidanse phezu kwamadeski!”

Wagibela phezu kwedeski wase… eshibilika ewela phansi!

“Eshu, eshu, iqakala lami,” kukhala uTara. “Liyavutha!”

Abangani bakaTara bagijima bayobheka uthisha wabo…