Isitayela esisha somluko kaThandi | Nal'ibali
Home | Content | Isitayela esisha somluko kaThandi

Written stories

Isitayela esisha somluko kaThandi

Ngelinye ilanga uThandi waya esikoleni ezizwa enamahlonyana. Udadewabo wayemluke ama-braid. Wayewathanda uThandi kodwa wayekhathazekile ngokuthi ezinye izingane zizomgqolozela ngoba ebukeka ngendlela ehlukile.

Kwaqala umfana oweza kuyena wadonsa elinye lama-braid akhe.

‘Yini le?’ wabuza ehleka.

UThandi wezwa kuthi akakhale. Ngaleso sikhathi kwagijima uZulfah noDavid beza kuye.

UZulfah wathi, ‘Awu, Thandi…’