Isilwane esidla udoti
Home | Content | Isilwane esidla udoti

Written stories

Isilwane esidla udoti

Ubaba kaSiraaj ushayela iloli njalo ekuseni. Akulona iloli elijwayelekile ngoba lifafaza amanzi futhi linamabhulashi amakhulu ngaphansi eduze namasondo. Ubaba kaSiraaj uthi lifana nesilwane esikhulu esidla wonke udoti abantu abawulahla emgwaqweni bese sigeza futhi sikolobhe imigwaqo! Lesi isilwane esihle ngoba sicosha udoti nokungcola  futhi ukuba besingekho besizoba senkingeni enkulu!

Ubaba kaSiraaj uvamise ukuxoxa indaba emayelana nolunye usuku lapho okwagula khona isilwane esihle esidla udoti, kwadingeka ukuthi siye egaraji ukuze silungiswe. Ngalolo suku ekuseni wayevuke, wagqokela ukuya emsebenzini, wadla isidlo sakhe sasekuseni wase eqala uhambo lwakhe olude lokuya emsebenzini ngehora lesi-5 ekuseni. Ngesikhathi esendleleni eya emsebenzini waqaphela into eyamtshela ukuthi usuku lwaluzokwehluka kwezinye izinsuku zomsebenzi. Wabona…